UMCULI osezakhele udumo ngephimbo elehlukile nekhona ekuqanjweni kwezingoma ezihambisana nomlando wesintu, uMbuso Khoza, uhlehlise uchungechunge lwamakhonsathi Ifa Lomkhonto ngenxa yokungaphatheki kahle.
Lo mculi uthe uvele wabanjwa wukugula obekuhambisana nomkhuhlane okuze kwaphazamisa nephimbo lakhe okumphoqile ukuthi aphazamise lolu chungechunge lwamakhonsathi.
“Iphimbo lami libe nezinkinga ezidalwe wumkhuhlane obekuhambisana nesimo sezulu njengoba bengisemazweni ngiqopha njengomlingisi. Empeleni nje ukutubeka nomkhuhlane yikhona okudale ngithathe lesi sinqumo. Kuye kwadingeka ngibheke ezinye izinsuku,” kusho uMbuso.
Lolu chungechunge lwamakhonsathi luyingxenye yemibhiyozo yokuhlabana kwalo mculi emiklomelweni amaMetro FM Awards nalapho ahlabane khona ngeBest Jazz Album.
Ifa Lomkhonto yigama le albhamu entsha yalo mculi okumanje ishisa izikhotha.
Ekhuluma phambilini ngalolu chungechunge, uMbuso watshela abezindaba ukuthi ufuna abathandi balo mculo wakhe onothe nangezinsimbi zesintu, bathokozele izingoma zakho ezicula bukhoma, babone nohlobo lwezinsimbi ezisetshenzisiwe ingoma nengoma.