UMDIDIYELI we-house, uKaryendasoul, uthi kubalulekile ukugcina umlando kaLebo Mathose, okhunjulwe nge-albhamu entsha njengoba ngeSonto bekuwusuku ashona ngalo.
ULebo, owaqala ukugqama eqenjini iBoom Shaka ngaphambi kokuzimela, washona engozini yemoto ngo-Okthoba 23 ka-2006.
NgoLwesihlanu, i-Universal Music ikhiphe i-albhamu yakhe iForever, enezingoma eziyisishiyagalombili.
Kukhona kuzo i-Awu Dede eyenziwe kabusha wuKaryeendasoul, I Love Music eyenziwe kabusha uBlaQRhythm nezinye.
“Ngacelwa yi-Universal ukuthi ngibe yingxenye yalo mqondo omuhle wokuhlonipha nokugubha ngempilo yendlovukazi yomdanso, okuyinto eyangijabulisa futhi engangingeke ngiyinqabe,” kusho uKaryendasoul, ogama lakhe langempela nguBonga Ntozini.
Uthe kube wumuzwa omnandi ukwenza umsebenzi ngoba wakhula elalela uLebo, akakaze acabange ukuthi uyosebenza entweni enephimbo lakhe futhi unethemba lokuthi wenze into encomekayo.
“Ngikholwa wukuthi kubalulekile ukukhumbula bonke abavela ngaphambi kwethu. Kuhle ukubona izinkampani zigcina umlando, okuyinto ebingenziwa phambilini, ngokukhipha umculo omusha nomdala kodwa osuthe ukushintshwa ukuze uzolaleleka nanamhlanje.”
UKaryendasoul wenza kabusha ingoma kaLebo nje, uzakhele udumo ngokwenza ngokuhlanganyela ingoma ethi Imali noZakes Bantwini noNana Atta. Wenze i-Any Other Way noBlack Coffee nezinye.
“Ngibe nenhlanhla yokusebenza nalezi zingwazi zombili futhi ngikwaze ukufunda okuningi okungisize ngakhula ekubeni yiciko, okube nomthelela omuhle egameni lami.”
Uthe uhlela ukukhipha omunye umculo, ukuhambela izindawo nokuphumula ngoba ube nonyaka omuhle.