INTOKAZI esizakhele igama emkhakheni wokulingisa uNolwazi Shange, uthi akaze angabaze ngesikhathi bemtshela ngendawo azoyilingisa emdlalweni i-Outlaws oqale kule lisonto kuShowmax.
Kulo mdlalo okhuluma ngempi yezinkomo phakathi kwesizwe samaZulu nabeSuthu, uNolwazi uzobe elingisa indawo kaNandi. Ungowesifazane ongumholi ngokozalo futhi ongazwani nento ebheke eceleni.
Kulo mdlalo ogcwele izimpi njengoba kuliwa nokwebiwa kwemfuyo, uNolwazi uveze ukuthi akubanga yinto enzima ukuzithola esephethe isibhamu njengoba wathatha isikhathi sakhe engena kulo mkhakha wayofunda ngaso.
“Ngesikhathi ngithola ukuthi kulo mdlalo ngizophatha isibhamu, angithukanga nhlobo, kunalokho ngajabula ngenxa yokuthi into engazifundisa yona.
“Bengihlala ngiziqeqesha ukuthi uma usebenza ngaso usisebenzisa kanjani kulo msebenzi esikuwona.
“Okunye okwangijabulisa ngalo mdlalo ukuthi uyinto engakaze ibonakale kuleli, okwathi ngitshelwa ngawo ngabatshela ukuthi bangabe besachitha sikhathi ngokungichazela okuningi sengiyingxenye yawo,” kusho uNolwazi.
Uthe ukuba semdlalweni lapho azolwa khona abone indlela umzimba wakhe ongamthwala ngayo, kumjabulisile nakho.
“Ngagxuma uma ngibona ukuthi umzimba wami uzoke wenze into engajwayelekile engike ngibone kwamanye amafilimu.
“Angiyena vele umuntu otefayo ngakho kusho lukhulu kimi ukuba yingxenye yalo mdlalo, sengikulinde ngabomvu ukuthi abantu baqale ukubuka lo mdlalo futhi bawujabulele,” kusho yena.
Uveze ukuthi yize umsebenzi ubumningi bezikhona izinsuku lapho bekuba nezingqinamba khona, kodwa uma lingaphinde livele ithuba elifana naleli angaphinde alithathe.
Uthe yize uNandi engowesifazane onekhanda eliqinile futhi ongesabi lutho, naye kukhona lapho azibone khona efana nalo mlingisi.