UDJ Tira uyazeshwama izinsolo zokuthi kunomculi ovalela abanye amaciko ngaphandle ngoba efuna ukuba ngungqoshishilizi kulo mkhakha.
Izinsolo zisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana lapho amanye amaciko abekhononda ngokuthi kunomculi ofuna ukuphatha emkhakheni wamaciko esifundazweni, iKwaZulu- Natal.
Izikhalo zisabalale kwiFacebook ngoLwesihlanu, ngemuva kokuthi kube nenkulumo yabantu bekhalaza ngokuqashwa kakhulu kwabanye osomabhizinisi eThekwini, ekubeni kunabadonsa kanzima.
Kule ngxoxo kugcine sekuphawula nosomabhizinisi waseThekwini, uCalvin Mathibeli, weCalvin and Family Group, ozwakalise ukungagculiseki kwakhe ngosomabhizinisi abavalela abanye ngaphandle
Uphawule nangomculi angalidalulanga igama lakhe, wathi uxhaphaza abantu asebenza nabo kanjalo nabamshiya ababesebenza ngaphansi kwenkampani yakhe.
Phakathi kwabo ubale uProfessor noT'zozo, wathi bahlukaniswa yilo mculi. Wadalula ukuthi umculi mumbe waba nesandla ekutheni uL'vovo ayeke ukusebenza noZakes Bantwini.
Wengeza ngokuthi iDestructions Boyz, Bullistic, noDJ Siyanda nabanye abaculi, bahlukunyezwa yilo mculi.
Kuphawule uDJ Siyanda, wadalula ukuthi uke walandelwa abantu befuna ukumsoconga ngoba bethunywe yilo mculi ofuna ukuhlonishwa yedwa esifundazweni. Naye akalidalulanga igama lomculi.
UDJ Tira ube esephawula kule nkulumo, ebuza uMothibeli ukuthi ngabe wamenzani? Ethintwa uDJ Tira, uthe uyakweshwama okushiwo ngabantu ngaye ngoba akasiye umuntu onodlame.
"Anginalo uthando lokuphawula ngalolu daba. Angazi ukuthi ngempela ngibenzeni labalisa. Ngicela ukuqhubeka nempilo yami ngoba angisoze ngalawula indlela abantu abacabanga ngayo ngami," kuphendula uDJ Tira.
Eqhuba uthe akakaze abe ngumuntu onodlame futhi akazose abanalo.
Imizamo yokuthola uDJ Siyanda ayiphumelelanga yize ephendule ucingo lwakhe ngesikhathi efonelwa kodwa waluvala ngokushesha, ngemuva kokuzwa ukuthi intatheli ifuna ukukhuluma naye ngalolu daba.
UMothibeli, uthe kulokho akuphawulile akazange adalule gama lamuntu futhi ubegxile ezinkingeni ezidalwa ngabanye ababukela phansi abanye osomabhizinisi namaciko.
"Umsebenzi wobuciko ufana nse nokuba sebhizinisini. Mina engikhala ngakho ukuthi kube nomuntu noma abantu abathize abasebenza baze bavalele ngaphandle abanye. Asikwazi ukuba sebhizinisini sonke kodwa bese kuba namabhizinisi okwaziwayo ukuthi yiwo abamba yonke imisebenzi. Wonke umuntu ufanelwe ukukhula ebhizinisi kanjalo nasemculweni kumele kungabi nabantu abanqinda abanye amandla," kusho uMothibeli.
Eqhuba uthe, ubeke iphuzu ngoba kunenkinga enkulu nokumele kubhekwane nayo ngqo, yokwentuleka kwemisebenzi kubantu abasha bakuleli.