UMA uhlangana nesosha laseChesterville, eThekwini, ungazitshela ukuthi ligqoke liqedile kanti lihamba nqunu, izingubo zokugqoka ozibonayo ziwumdwebo opendelwe emzimbeni walo.
UNksz Ntombifuthi Khanyase (32) oyisosha elisebenzela iSouth African Defence Force (SANDF) eTshwane usephenduke undabuzekwayo ngokuzipenda umzimba.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uthe sekukaningi eya emicimbini egqoke iphenti nobhodisi kodwa abantu bengaboni.
Uthe uqhamuke nale ndlela yakhe yokugqoka ehlukile ukugqugquzela abantu besifazane ukuthi banakekele imizimba yabo ukuze bezoziqhenya ngayo.
Uthe ufisa ukugcina eseqashwa emicimbini ukuthi azokhombisa ngomzimba wakhe omuhle nobuciko bokupenda umzimba.
UFUNA kugcine kuyisitayela ukupenda umzimba uNksz Ntombifuthi Khanyase waseChesterville, eThekwini, openda umzimba kube sengathi ugqokile. Lapha ubefika eYadini eMlaza, ezifakele iphenti nobhodisi kuphela
Ukupendwa komzimba uthe ufisa ukuthi kugcine sekusesitayeleni, kube khona nabanye abantu besifazane abazethembeyo abazohamba ezinyathelweni zakhe.
UNtombifuthi udide abantu abaningi ngempelasonto edlule ezindaweni zobumnandi zaseMlaza, eThekwini, eYadini Lounge naseMax’s Lifestyle enqunu, epende umzimba.
Uthe ubezipende umzimba egubha uSuku lweNtsha. Uthe ubefuna nokubona ukuthi bakhona yini abantu abazobona ukuthi akagqokile.
Uthe abantu basale bebambe ongezansi uma esebatshela ukuthi akagqokile, izimpahla ezisemzimbeni wakhe zidwetshiwe.
“Abantu bebephenduka nami eYadini nakwaMax. Abaningi bebengaboni ukuthi nginqunu, bathuke sengibatshela. Bebengakholwa, bebeze bangithinte befuna ukuzizwela,” kusho uNtombifuthi.
Uthe ukupenda umzimba yinto ayenza ngesikhathi sakhe uma esekhaya enesikhathi sonke.
“Ngiqale ukupenda umzimba ngonyaka odlule. Yinto engayibona ngayithanda komunye umlungu emcimbini engangiye kuwona. Ngaqala ngafuna ukwazi kabanzi ngakho. Ngathola umuntu okwazi ukukwenza eKapa ngagibela ngaya kuye. Wangipenda, ngagculiseka ngoba abantu babengaboni ukuthi nginqunu, ngaze ngaya ngisho endaweni yokudlela,” kusho uNtombifuthi.
Uthe ube esecela lo muntu owampenda ukuthi aqeqeshe umfowabo omncane uSimphiwe Khanyase (21) ukuze angezukuphoqeleka ukuthi aye eKapa uma efuna ukupendwa umzimba.
“Umfowethu uqeqeshwe izinyanga eziyisithupha, wabuya esengumpetha. Sengipendwa uyena nje manje. Ngiyaye ngicabange into engifuna ukuyigqoka bese ngimchazela aqale ayidwebe phansi. Kungithatha amahora amane ukupenda umzimba ngimile. Upende uhlala emzimbeni amahora angu-24. Ukhona nopende ongasuki uma uthelwa amanzi,” kuchaza uNtombifuthi.
Uthe umfowabo waqale waba nenkinga ukumpenda enqunu kodwa wagcina esejwayele.
Uveze ukuthi uzizwa ekhululekile ukuba nqunu phambi komfowabo ngoba uyamethemba, uyazi ukuthi uphephile ezandleni zakhe.
Ethintwa umfowabo uSimphiwe uthe ufisa ukugcina esenendawo yakhe lapho ezokhombisa khona umsebenzi wakhe.
Uthe udadewabo umbiza uR4000 ukumpenda izimpahla ezimbeni, wathi ukupenda uhhafu womzimba ubiza uR2500.
Uveze ukuthi kuya ngokuthi umuntu ufuna ukupendwa ini, uma kuwumdwebo onzima nemali iyanyuka.