ILUNGU leqembu iBig Nuz eselisele lodwa, uDanger, uthe ukwesekwa ozakwabo endimeni yobumnandi kumenze wama yize kube nzima ukudlula emhlabeni kukaMampintsha.
NgoDisemba 24 bekuphela unyaka kwadlula elinye ilungu leBig Nuz uMandla Maphumulo owayedume ngelikaMampintsha.
UDanger uthe ukuba khona kwabantu abafana noDJ Tira nabanye kube wusizo kuye njengoba bemumise idolo wakwazi ukuqhubeka nempilo futhi akhiphe nomculo yize esesele yedwa.
Ekhuluma neSolezwe, uDanger ngomuzwa anawo ngalezi zinsuku njengoba kuphela unyaka kwashona uzakwabo, uveze ukuthi kube yisikhathi esinzima kodwa ukwazile ukuthi aqhubeke nempilo.
“Bese ngikulesi sigaba sokuthi kuphola amanxeba ngokudlula emhlabeni kukaR Mashesha, kwase kuqhamuka lokhu kukaMampintsha. Kube isikhathi esinzima kakhulu kimi, kodwa ngikwazile ukuqhubeka nempilo ngosizo lwabafowethu esinabo endimeni yomculo abangixhasile ngakwazi ukuthi ngizile ngase ngiyaqhubeka nokuqopha umculo njengoba ngisanda kukhipha umculo futhi wenza kahle kakhulu,” kusho uDanger.
Uthe manje uzimisele ngokuthi igama leBig Nuz lihlale likhona ngaso sonke isikhathi njengoba enezinhlelo eziningi anazo ngonyaka ozayo.
“Igama likaMampintsha nelikaR Mashesha ngifuna lihlale lisezingqondweni zabalandeli beqembu ngaso sonke isikhathi. Ngonyaka ozayo ngihlele ukuthi ngihambele emalokishini ehlukene lapho ngizolekelela intsha efuna ukungena emculweni, nokuwumgqigqo ozokwaziwa ngeBig Nuz Empire, kuwona nje ngidinga uxhaso oluvela eminyangweni ehlukene ukuze ube yimpumelelo,” kuchaza yena.
Uthe nasemculweni usazoqhubeka esebenza nabantu abahlukene ukuze akhiphe umculo ngaphansi kweBig Nuz ne-Afrotainment njengoba engathandi ukuthi kuphele ngeqembu.