UKULINGISA emidlalweni eyahlukene yethelevishini, eyeshashalazi kanjalo neziqephini zemisakazo kumenze wabona ukubaluleka kokuthuthukisa intsha yaselokishini ngezobuciko. UNompumelelo Mzelemu, weMbiza Performing Arts, okewalingisa kuZalo, Durban Gen nakweminye imidlalo emikhulu yethelevishini, usenohlelo lokucija intsha ngamakhono ahlukene ezikoleni zaseMlaza. Lokhu akugcini nje ezikoleni kodwa noma abafundi bebuya emakhaya uyabahlanganisa benze imisebenzi yezandla, umculo, umdanso, ukulingisa nokuxoxa izindatshana.
UNompumelelo uthe yize eseneminyaka ekwenza lokhu kodwa bekunzima phambilini njengoba ebebuye engakwazi ukuhambela zonke izindawo. Muva nje ubesexhaswa yi-Assitej South Africa okwenze wakwazi ukusabalala nakwezinye izigceme zaseMlaza. "Usizo lwabe-Assitej South Africa lwenze kwaba lula ngoba sengikwaze ukufaka nabanye abantu abawu-15 abasebenzela kwezinye izikole. Ukugcina izingane ziphephile futhi zinekusasa eliqhakazile kuyinto ebalulekile kimi yikho ngikwenza ngisho kuvalwe izikole. Akusho ukuthi sifuna zonke izingane zibe amaciko kodwa uma ingane icijwa kulokhu enekhono lakho ingakwazi ukuzibekela isinkwa etafuleni ngoba amathuba omsebenzi awasekho," kusho uNompumelelo.
Ngaphandle kwalo msebenzi, uNompumelelo uphinde abonakale kwiSABC1 ohlelweni lwethelevishini lodado, iNali Bali, lapho exoxa khona izindatshana. Isifiso sakhe esikhulu ukukhula nodado kuze kube amakhono abo ayabonakala emikhakheni ehlukene kwezobuciko. Konke lokhu kuncike ekutheni bathole uxhaso lwendawo eyanele yokusebenzela, izinsiza kusebenza, ukudla nemali yokugibela kulabo abahlala ezindaweni eziqhelile.