KWALE kancane ukuthi intokazi esuse umsindo isolwa ngokukokotela ubuzwe bakuleli ibe ingeyaseNigeria, uChidima Adetshina, ikhale imuke nesicoco sikaMiss Universe.
Le ntokazi igcine ilale isibili yehlulwa wungqwazi lwaseDenmark, uVictoria Kjær Theilvig, okunguyena okhale wemuka nalesi sicoco esithathwa njengesikhulukazi emhlabeni.
Ebhala ezinkundleni zokuxhumana, uChidima uthe uyachichima yinjabulo ngenxa yalo mphumela.
Ngesikhathi lezi zintokazi ebese zisele ziyisihlanu kobesekuzohlungwa kubo abathathu abebezobanga isiscoco, kubuzwe umbuzo wokuthi yimuphi umyalezo ezinawo kwabesifazane baseThailand, Mexico naseVenezuela. UChidima kubukeke ewachazile amajaji ngempendulo yakhe athe kuyo, ufisa ukuba wuphawu lwethemba kulaba besifazane.
“Njengowesifazane osedlule ezintweni eziningi, ngikholwa wukuthi ngikwazile ukuthi ngingazilweli mina ngedwa kodwa ngilwele ne-Afrika yonkana,” usho kanje kwalandela inhlokomo.
Le ntokazi iphinde yabonga abantu baseNigeria ngokuyeseka.
“Kubantu baseNigeria engibathandayo ngenhliziyo yami yonke, ningithwale kunzima nanginika uthando olungenamkhawulo. Namanje angazi ukuthi kungani ningithanda kangaka kodwa okubalulekile ukuthi ninginike ithemba elisha nethuba lesibili empilweni. Kukhona isikhathi la engangibona khona ukuthi impilo iyangigojela kodwa iNigeria yanginika isizathu esisha sokuphila,” ubhale kanje ekhasini lakhe ku-Instagram.