BAZE baphuma ngomnyango bemile bejabulela izingoma zakhe ezihlukene abalandeli bakaMandisi Dyantyis, ngoMgqibelo, abaphume ngobuningi babo ukuzokweseka leli ciko.
UMandisi ocula umculo we-jazz aphinde awuxube nowesintu, ubonge abalandeli bakhe ngokuthenga amathikithi ngokushesha osuku lokuqala kwaze kwaphoqa ukuthi kwengezwe usuku lwesibili.
Umcimbi wakhe uvalwe ngeSonto, ePlayhouse, eThekwini.
NgoMgqibelo, kulo mcimbi okucacele noma ngubani ukuthi uthandwa izintokazi kakhulu, uMandisi nethimba lakhe benze into yamehlo benandisa ngezingoma okukhona kuzo ethi Somandla, Cwaka nezinye.
Izinsimbi ezihambisana nezingoma zakhe izona ezigcine abantu bemile njengoba uMandisi ebedansa imidanso ehlukene ebonakala ezingomeni ze-piano, nokuyizona abantu abazijabulele kakhulu.
Okunye okugqamile kulo mcimbi ukucula izingoma ezintsha ezithakaselwe abaningi njengoba naye ekuvezile ukuthi zisanda kuphuma.
UMandisi uthe ubengakulindele okwenzeke eThekwini, kodwa ujabule ngendlela abalandeli bakhe abaphume ngayo.
“Ngiyabonga bantu baseThekwini ngenikwenze kimi. Nami ngasale ngimangele ngizwa kuthiwa amathikithi adayise aphela, lokho mina nethimba lami kusiphoqe ukuthi senze usuku lwesibili. Ngiyathemba niwujabulele umcimbi wanamhlanje, kusasa siyaqhubeka njengoba sizobamba usuku lokugcina nabanye abalandeli bami okokugcina,” kusho yena.
Uthembise ukuthi nangonyaka ozayo uzobuya nedili lomculo elifanayo.