Umfelokazi yowayeyisihlabani esaduma umhlaba wonke, uMduduzi Mandoza Tshabalala, usenxuse abantu bakuleli ukuthi baxhase umndeni kaMandoza ngokuthi bathenge imikhiqizo yezimpahla edayiswa ezitolo zakwaMr Price, iNkalakatha.
NgoLwesine bekuwusuku okwazalwa ngalo uMduduzi Mandoza Tshabalala owadlula emhlabeni ngo2016. UMpho Tshabalala uthe okwakhe njengamanje ukuqinisekisa ukuthi umsizilo waleli qhawe awushabalali kwizizukulwane ngezizukulwane.
Abangani balesi sihlabani bakhumbule lo mculi ngokuya ethuneni lakhe, babuye bajabulela indondo yeLifetime Achievement Award ayithole ehlonishwa kumaSouth African Music Awards (Sama) abengonyaka odlule.
UMpho uthe uyafisa engabe lo mculi usekhona kodwa ngebhadi icelo loMdali lingephikiswe.
Selokhu ashona uMandoza, uMpho wenza isiqiniseko sokuthi umlando wakhe awupheli kubantu. Ezinye zezinto akhombisa ngazo ukuthi akakhohliwe wumyeni wakhe, wukuba neqhaza ekwenzeni ifilimu ekhuluma ngalesi sihlabani, iNkalakatha: The Life of Mandoza, ebikhonjiswa kwi-BET. Konke lokhu ukwenza ngaphansi kwenhlangano engenzi nzuzo, iMandoza Foundation.
Echaza ngempilo kaMandoza, uthe waba ngumyeni oqotho kusuka ngosuku lokuqala enake nabantwana futhi konke abanakho kungenxa yakhe.
Uqhube wathi ukuzila akuzimisi izidingo zansuku zonke njengoba izingane kumele ziqhubeke nokufunda kodwa ngokwesekwa wumndeni, uyakwazi ukuqhubeka nokumela lezi zindleko.
Uthe yize eluthola nxazonke usizo nakubangani bakhe nabakaMandoza kodwa isikhala sisasele njengoba engekho, abone izingane zakhe ziyoqala isikole neziphothulayo.
Egcizelela uthe ukuthengwa kwezimpahla zikaMandoza kuzoqinisekisa ukuthi izingane zakhe azidli imbuya ngothi ngelinye ilanga. Wathi ukuba khona kwale mikhiqizo iNkalakatha kaMr Price, kuseyingxenye yokuhlonipha iqhaza elabanjwa wuMandoza emculweni wakuleli.
INkalakatha ngenye yezingoma zalo mculi eyaduma futhi ethandwa umhlaba wonke.
Yize kuyingoma yekwaito kodwa namanje ijatshulelwa ngisho ngabezinye izinhlanga kuhlanganisa nabamhlophe.