UTHEMBISA abalandeli bakhe into yamehlo uJabulani Hadebe odume ngelikaSjava njengoba eza eThekwini, edilini lomculo Isibuko Tours elisePlayhouse ngoJuni 22.
Ekhuluma ngalo mcimbi uSjava uthe abalandeli bakhe bazoqala bajabulele izingoma zakhe ezintsha ezintathu azozikhipha nezizotholakala kwi-albhamu yakhe ethi Isibuko Delux.
“Umcimbi wokuzobonga abalandeli bami lona njengoba bengenzele izimanga ngesikhathi ngikhipha i-albhamu Isibuko ngonyaka odlule ngasekuqaleni kwawo.
“Nangayo ngahambela amadolobha ahlukene abalandeli bami bayithokozela kakhulu. Manje ngithi ngiza nezingoma ezintsha nezinye abazaziyo, ngizothi kubo ngiyabonga ngakho konke ikakhulukazi uxhaso abangikhombise lona kule minyaka edlule,” kusho uSjava.
Uthe izindawo azikhethayo ukuya kuzona ngale micimbi efana nalena uzikhethe ngenjongo njengoba kuba lula ukusondelana nabalandeli bakhe.
Izindawo azobonakala kuzo uthe uzojabulisa abalandeli bakhe kanti ziyefana kuwona wonke amadolobha.
Lokhu uthe ukwenza ngenjongo yokuba seduzane nabalandeli bakhe, bangambukeli kude.
“Ukubabona eduze ngibathinte kungenza ngibone injabulo ekubona nabo babone ekimi futhi sicule sonke nokuyinto ejabulisayo,” kuchaza yena.
Uthe njengoba ezoqala eThekwini uzobe esedlulela eJoburg Theatre nalapha ezonandisa khona izinsuku ezimbili okunguJulayi 12 no13.
Amathikithi alo mcimbi uthe aseyatholakala ngoR500 kuwebsite yenkampani aqopha ngaphansi kwayo iCartel.