INTOKAZI engumlingisi futhi edabuka eMnambithi, uMbalenhle Mavimbela, ithi ngeke ilukhohlwe kalula uthando eluthole kozakwabo nethuba elinikezwe ngabasunguli bomdlalo, iThe Wife.
UMbalenhle ulingisa indawo kaHlomu, kanti ingenye yeziphambili emdlalweni wethelevishini. Kulindeleke ukuthi isizini yeThe Wife, ifinyelele emaphethelweni uma ibuya ekuqaleni kukaMashi.
Ekhuluma neSolezwe uMbalenhle uthe ukulingisa into ayifundela esesesikoleni futhi waqhubeka nayo esephume khona.
“Ngakufundela e-AFDA, ukulingisa kwathi ngemuva kwalokho ngalingisa emidlalweni ehlukene okubalwa kuyona Isibopho, Isibaya neSkeem Saam. Umdlalo iSkeem Saam yiwona okwadingeka ukuthi ngikhethe ukuthi ngiyahlala kuwona noma ngiyawuyeka ngoba kwase kuqhamuke indawo kaHlomu. Ngacabanga ngajula ngoba indawo engangiyidlala kwiSkeem Saam yayizothatha iminyaka kanti lapha kwiThe Wife, ngangazi ukuthi umdlalo ongaphela noma yinini. Ngabona ukuthi kwiThe Wife ngizogqama ngendawo enginikwe yona, ngase ngikhetha ukuqhubeka nayo,” kusho uMbali.
Uthe yize sekudingeka aqale phansi afune umsebenzi kulo mkhakha wokulingisa njengoba iThe Wife seyifinyelele emaphethelweni, akazisoli ngesinqumo asithatha.
It’s a picture wrap for uMahlomu.
— Mbalenhle Mavimbela (@MbalenhleMavim) February 10, 2023
A HUGE thank you to @ShowmaxOnline , @stainedglasstv_ and @DStv for this amazing opportunity.
What a life changing experience for my career 🎭 pic.twitter.com/wZlKppkKqr
“Indawo kaHlomu ngakhula kakhulu kuyona. UHlomu ngesikhathi eshelwa nguMqhele ubemncane, nami njengoMbali bengikuleso simo ngiyingane. Kodwa ukushada kukaHlomu kumenze wabhekana nezinkinga ezimenze wakhula ngokomqondo. Kuthe kusenjalo ngesizini yesibili uHlomu wakhulelwa kanti nami ngikhulelwe ngempela. Yize bekungelula kodwa ngiyabonga ukuthi wonke umuntu ungesekile ngakwazi ukudlula kulesi simo esingikhulise kakhulu. Isizini yesithathu ingenze ngazibona ukuthi lo mdlalo ungenze ngaba ngowesifazane engiwuyena manje, ngiwumama empilweni yangempela kanti nakwiThe Wife bekumele ngibe ngunkosikazi onekhanda eliqinile, nokube mnandi kodwa kungelula,” kuchaza uMbali.
Ugcizelele ukuthi ukukhulelwa kwakhe wayengakufihlile kodwa ukuba kulo mdlalo yikhona okwamenza wangafuna ukubonakala emphakathini ukuthi ukhulelwe. Uthe ukube wanaka izinkundla zokuxhumana ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uzolingisa le ndawo, ngabe akayithathanga.
Kodwa ukuqeqeshwa akuthola ngaphakathi kubaphathi kwamsiza ngoba kwakungelula ukufunda ezinye izinto ezazishiwo ngaye. Uthe u-Abdul Khoza, Bonko Khoza, noWiseman Mncube yibona abamlekelele kakhulu endleleni yakhe.
Manje uthe usezoba matasa nokuhamba izinhlolokhono uma kukhona lapho abizwa khona. Uthe okunye azogxila kukho ukuthi iwayini lakhe litholakale ezitolo, aqhubeke nokuhlangana nentsha efuna ukungena ekulingiseni njengoba eseqale imikhankaso enjalo.