KUBE yisibusiso ku-KC Driller waKwaDabeka, eClermont, ogama lakhe lokuzalwa uNdumiso Maphumulo njengoba esebenze no-Dj Lag (Lwazi Gwala) engomeni ethi Hade Boss ethole isitifiketi i-4x platinum plaque ngokudlalwa izikhawu ezingu-120 million lapha eNingizimu Afrika.
U-KC Driller (21) owenza uhlobo lomculo wama-piano, i-hip hop neGqom, uthe leli kube yithuba elikhulu kuye angasoze alikhohlwa njengoba enguprojusa osamncane.
Ekhuluma neSolezwe, uthe kuyisibusiso esikhulu kuye ukusebenza no-Dj Lag.
“Kuyithuba engicabanga ukuthi sonke singoprojusa abasebasha siyalifisa ukuze sizoziveza futhi sithole namathuba okubonakalisa amakhono. Ngiyabonga ku-Dj Lag ngokukholelwa kimina kusukela ngisemncane kuze kube yimanje,” kusho uKC Driller.
Uthe selokhu aqala endimeni yomculo uDj Lag ubekhona emcathulisa ngesikhathi esafunda esikoleni samabanga aphansi iPhephile Primary esikhona KwaDabeka.
“Benginakho ukusebenzisana naye engikhulisa emculweni kusukela ngisafunda. Kungithokozise kakhulu mhla sesiba nomsebenzi ozohamba kahle kangaka,” usho kanje.
Uqhube wathi ubeselahle amathemba kwezomculo ngenxa yobunzima abekade ehlangabezana nabo.
“Konke lokhu kwenzeke sengililahlile ithemba. Ingoma i-Hade Boss isingisizile ngabuyela ethembeni, nasekhaya baqala bakholelwa kimi. Ukuzuza lo mklomelo omuhle kangaka ngomsebenzi engibe yingxenye yawo kungenza ngibe nesifiso sokuya phezulu kakhulu,” ubeke kanje.
Uthe kune-EP abayihlelile naye uDj Lag abazosebenza kuyo bobabili engase iqhamuke uma kuphela unyaka futhi unethemba lokuthi izomubeka emazingeni angcono kwezomculo.