KULINDELEKE ukuthi bagcwale ngobuningi babo osaziwayo abadabuka KwaZulu-Natal abaqhakambisa isifundazwe sabo baphinde benze kahle emkhakheni wethelevishini namafilimu emcimbini wokubaklomelisa ngezindondo ozoba seThekwini ngoMgqibelo.
Osaziwayo okukhona kubo uMinnie Dlamini noSphesihle Vazi, abazophatha uhlelo nabanye abaqokelwe izindondo emkhakheni wamafilimu nethelevishini emcimbini walo nyaka wezindondo amaThe 10th Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards bazobongwa ngemisebenzi yabo emihle.
Lo mcimbi ozoba seNkosi Albert Luthuli eThekwini kusasa kulindeleke ukuthi uhambisane nokwenzeka emcimbini oqhubekayo iDurban International Film Festival (DIFF).
Kuwona kuqokwe abalingisi okukhona kubo uFanele Zulu, Londiwe Shange, Sdumo Mtshali, Mbai Mavimbela- Masikane nabanye.
Uhlelo lwenziwa inhlangano ethuthukisa amakhono amafilimi amancane iKwaZulu Natal Film Commission noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ukuVakasha nezeMvelo, KwaZulu Natal.
Kulo mcimbi kusuke kuhlonishwa amaciko enza amafilimu nemidlalo emincane kanye nabalingisi ababonakala emidlalweni emincane nemikhulu kuleli.
UVictor Senna, weKwaZulu-Natal Film Commission, uthe abakujabulelayo ngalo mcimbi ukuthi iminxa isikhule yaze yafinyelela kwengu-30, selokhu bawuqala.
“Lo mcimbi uhambisana namaqhinga ethu okusungula amathuba futhi sikhulise nomkhakha wamafilimu esifundazweni sakithi. Bonke abayingxenye yawo banamathalente ahlukene futhi bazinikele emsebenzini abawenzayo. Umsebenzi wabo uthathe amehlo abaningi uma bewubuka, futhi waqhuba amathalente esinawo kulesi sifundazwe wagqamisa namasiko esinawo kusona isifundazwe sethu,” kushi uVoctor.
Uthe lesi isikhathi esijabulisayo kulo mkhakha, sokuziqhenya ngamathalente ahlukene futhi okubalulekile ukuthi uhambisana nenyanga yamafilimu esikuyo manje.
“Sizizwa sithobekile kakhulu ukubona amaciko afana noMbongeni Ngema, Gcina Mhlophe noDuma Ndlovu emicimbini ehlukene esiyenzile. Nakule mpelasonto sikubheke ngabomvu ukubona osaziwayo abazohambela lo mcimbi,” kuchaza yena.