INTOKAZI edabuka esigodini saseThokazi, KwaNongoma, uSamukele "Samke" Khumalo-Dludla, ilindele umklomelo ngefilimu yayo yokuqala ezokhonjiswa namhlanje ngo-3 ntambama, eSterkinekor Gateway.
Le filimu emfishane esihloko ethi Sneak Off, iboshelwe namanye azokhonjiswa ngaphansi kweDurban 48HFP 2022 Screenings (Group C).
USamke (40), uthe kufana nokufezeka kwephupho lakhe leminyaka ngoba kade ayefisa ukudidiyela ifilimu kodwa kungalungi. Echaza ngefilimu, uthe iqoshelwe endaweni akhulele kuyo KwaNongoma, ngenhloso yokuveza ubuhle beHlalankosi.
"Ikhuluma ngesiko lokuthwala. Ingentokazi ekhuluma nendodana yayo ukuthi yahlangana kanjani nomyeni wayo. Yaganiswa ngenkani nekhehhla elaligwilikile ngubabekazi wayo. Kwathi ngosuku lomshado yaphoqeleka ukuba yeqe, ibalekele edolobheni."
Uthe uqophe lefilimu ngoba efuna ukukhuluma ngempilo yasemakhaya ukuze akhangise ngobuhle bakwaNongoma emazweni angaphandle. Uthe ukudidiyela lefilimu akubanga yinto elula njengoba kwakufanele enze konke ngophazima kweso.
"Kwafanele ngiqhamuke nomqondo walo mdlalo. Ngithubeleze ebusuku, ngisuka eThekwini ngiye kwaNongoma njengoba kwakudingeka ishuthwe ngakusasa bese ngosuku olandayo ihlungwe. Konke okuvela kwifilimu kuwumqondo wami. Ngenze imisebenzi eminingi njengokuthungatha ikhono, ukuqondisa nokuyididiyela."
USamke uthe ukulangazelele kabi ukuhlabana ngomklomelo ngale filimu ngoba usebenze ngokuzikhandla kuyo. "Ngenhlanhla angiyenzanga ngesikhathi somsebenzi engiwuqashelwe kodwa ngiyenze ngempelasonto, ubusuku nemini."
USamke ubuye alingise kule filimu ngokubambisana noSbongile Ntabeni ongumakoti, uVusi eyisoka noSabelo ongumkhwenyana bese kuba uThembalethu oba ngumakoti omdala. Uthe indawo okushuthelwe kuyo lefilimu izogcina seyihanjelwa yizivakashi njengoba yakhelene neTshe elikhala njengensimbi neNgome Marian Shrine.
USamke akagxilile kulo mkhakha wamafilimu kuphela kodwa ubuye abe yisishoshovu esifunde sagogoda ekulweni nodlame lobulili. Njengamanje wenza unyaka wesibili ezifundweni zePHD. Usanda kuhlabana ngendondo yokuba yokuba yeBest Community Builder of the Year futhi umatasatasa nokubhala incwadi nefilimu ekhuluma ngokufululwa kwabesifazane.
Iphupho analo manje ukuba nemishini yokuqopha amafilimu nokusebenza nezinkampani ezinkulu ukukhiqiza amanye amafilimu agxile ekufukuleni abantu besifazane.