Umlingisi osemusha kulo mkhakha, uYolanda Buthelezi, uthe ukusebenza nabasenamava kusheshe kwamkhulisa yize engawufundelanga lo msebenzi.
UYolanda (28) odabuka oLundi kodwa osezinze eGoli, ungomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni omusha iCode 13 kuMzansi Magic.
Umdlalo ukhonjiswa njalo ngo-8 ebusuku ngeSonto.
Kuwona udlala indawo kaMpho owavela esiqeshini sokuqala eqa ejele ezenza umuntu wesilisa.
"Indawo engiyilingisayo isazodlondlobala ngoba abantu bazoqonda ukuthi kungani uMpho wayeboshiwe nokuthi kungani azenza umuntu wesilisa ukuze eqe. Ngike ngabona ezinkundleni zokuxhumana abantu bebuza ukuthi kungani babengavele bathole umuntu wesilisa. Konke kuzocaca," kusho uMpho.
UMpho ushade noPatrick okuwumlingiswa odlalwa wuSaint Seseli.
"USaint wenze kwaba lula ukusebenza naye. Ngisho sekumele uMpho aqabule uPatrick ubevele enze ihlaya nokwenze kwaba lula kimi ngoba kwakuthusa kwazise angikaze ngidlale umlingiswa oqabula omunye," kuchaza uYolanda.
Uthe ukulingisa akakufundelanga kodwa wakuqala kwiMuvhango lapho ayelingisa khona indawo kaZamazonke.
"Ukuba kwithelevishini yinto engikhule ngiyithanda kodwa ekhaya bengayizwa kahle bethi kumele ngifunde. Yingakho ngenza iziqu zeBcom Marketing and Business Management. Umalume kwathi uma ebona ukuthi ngiyayithanda le nto, wangikhombisa isikhangiso esasifakwe kwiTwitter (X) sokuthi iMuvhango ifuna umlingisi. Ngosuku engenza ngalo inhlolokhono ngathola ucingo lokuthi ngiqashiwe. Ngangingakholwa ngizitshela ukuthi kukhona odlala ngami ngoba sase siside isikhathi ngizama kodwa kungalungi."
Uthe kwaba yisiqalo esihle kulo mdlalo ngoba wafunda okuningi kwazise wayengakaze alingise phambilini. Ngemuva kwayo uthe qu kwiSibongile and the Dlamini's lapho edlale khona indawo kaZinhle.
"Ukulingisa kade ngangikuthanda kodwa amathuba engaveli. Isibaya saze saphela ngizama. Ngiyabonga futhi ngiyajabula manje. Amathuba abengivelela ekwethuleni izinhlelo nokungenye yezinto engizithandayo. Ngike ngaba kwiSoweto TV. Ngike ngaba wumethuli oyisimenywa kwiSelimathunzi kanjalo nakumaSouth African Music Awards nakumaBasadi in Music Awards."
Uthe njengamanje uhamba izinhlolokhono kweminye imidlalo afuna ukulingisa kuyo nathemba ukuthi abantu bazombona kuyo maduze.