INTOKAZI ezakhele igama emkhakheni wokulingisa nasemculweni uMbali Ngiba, ithi beyidinga into ezoyibuyisa igqame ebantwini bakuleli njengoba iyiciko, njengohlelo olukhombisa ngabesifazane abayizimpunyela nabanamabhizinisi asanda kuqala ukubonakala kulo, iThe Real Housewives of Durban.
UMbali ungenye yezintokazi ezintsha ezijoyine lolu hlelo ngesizini entsha eqale ngesonto eledlule kwiShowmax.
Ekhuluma neSolezwe, uMbali uveze ukuthi ujabule ngethuba alitholile njengoba kuzoveza olunye uhlangothi lwakhe, angakaze aluveze elingisa noma emculweni, yize isiqephu sokuqala sohlelo ebhoboke ngobuhlungu bokushona komntwana wakhe, kodwa akusikho konke azokuveza ngempilo yakhe ohlelweni.
“Ngiyabonga ithuba abanginike lona abasunguli balolu hlelo. Into engenze ngangena kulona wukuthi ngikhule kulo mkhakha, ngiphinde ngithole nethuba lokukhangisa ngamabhizinisi ami, okukhona kuwo nelezimbali. I-Covid-19 akekho ongazi ukuthi thina esingamaciko isenze sabhekana nezinkinga ezingakanini, ezisilimaze ngezindlela ezihlukile njengoba idonse isikhathi eside. Ukuvulekelwa ngamathuba afana naleli bengingeke ngikuyeke njengoba kusho ukubuya kulo mkhakha, ngiphinde ngikwazi ukuqhubeka nempilo,” kusho uMbali.
Uveze ukuthi yize engeyena umuntu onodlame kodwa ukwazile ukushutha ohlelweni nabanye abesifazane akade benendlela engalungile yokukhuluma.
“Mina ngiwumuntu olungile, ngakho ngisho umuntu engiqhamukela ngayiphi indlela kodwa ngiyakwazi ukuzigcina ngiphansi. Izinhlelo zalolu hlobo ngizibukile kakhulu ezaphesheya. Abantu nje abalindele okuningi njengoba ngiqalile ngaveza indaba yokushonelwa kwami wumntwana, kodwa ukuvula kwami isifuba kungenze ngazibona ukuthi kuningi abantu abazokwazi ngami, abebekade bengakwazi hhayi kodwa lokhu engingathandi bakwazi, ngeke ngibavezele,” kusho uMbali.
Uveze ukuthi maduzane kukhona umdlalo omkhulu azobonakala kuwona, oqoshwe KwaZulu-Natal, edlala indawo ephambili.