UMLINGISI waseThekwini, uWiseman Mncube uthe kumqinise idolo ukunconywa ngokuyolingisa kahle indawo kaMqhele, kwiThe Wife.
UWiseman uzakhele igama elingisa emdlalweni eHostelanakuZalo.Kusuka ngenyanga ezayo uzobonakala elingisa kwiThe Wife bese kuthi ngonyaka ozayo alingise kwiShakaIlembe, lapho ezolingisa khona indawo kaZwide.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukuqeqeshwa ngesikhathi besafunda esikhungweni semfundo yikhona okumsizile wathatha yonke le midlalo yomithathu.
“Yimidlalo emikhulu lena edinga sonke isikhathi, kulezi nsuku ngihlala ngikhathele ngakho njalo ukuba sezindaweni ezehlukene. Manje siqedile ukuqopha uShaka Ilembe, ngimatasa neThe Wife, umsebenzi mningi kodwa-ke yithuba leli elingandele bani ngenza konke okusemandleni ukuthi ngenze umsebenzi ozojabulisa abantu.”
Uthe akubanga lula ukuthi athi esaqopha kwiShaka Ilembe, aphinde ayofunda okumele akwenze uma elingisa indawo kaMqhele kwiThe Wife kodwa ukuzinikela uthe kumsizile washeshe wajwayela.
“Ngazicelela ukuba yingxenye yomdlalo iShaka Ilembe ngesikhathi ngizwa ngawo ngo-2018, ngamtshela u-Angus Gibson omunye wabaphathi beThe Bomb production ukuthi angangikhohlwa uma konke sekuqala. Wangitshela ukuthi izinhlelo zokuqala lo mdlalo zisekude, ngenxa yokungafuni ukuthi angikhohlwe bengihlala ngimxina ngemiyalezo,” kusho uWiseman.
Uthe ukuba kwiThe Wife kube yisinqumo esingelula ngoba ubezovala isikhala sikaBonko Khoza, ongumlingisi onekhono elimangazayo.
“Kuba yinto engajwayelekile ukuthi ulingise izindawo eziphambili emidlalweni yakwaMultichoice nakwiSABC kodwa nje ukungikhulula kube yinto engijabulisayo. Nozakwethu bangiqinisa idolo njengoba benginengcindezi yokungena endaweni yomuntu obethandwa,” kuchaza yena.
Uthi kuZalo uyaqala ukuqopha ngesonto elizayo, uzobuya indawo yakhe isishintshile.
Uthe uSbonelo uzobuya esekhulile futhi esezimele kakhulu.
KuZalo kukhona okunye okusha ayokwenza nakhona, uthe sebemtshelile ukuthi bayamdinga, bayamkhulisa manje.