SINCIPHILE isibalo sabantu abavamise ukuphuma ngobuningi kwi-Hollywoodbets Durban July yanonyaka njengoba kuvamise ukuthi kugcwale kungabi khona ngisho indawo yokunyathela.
Lokhu kufakazelwe wukushaya komoya phakathi kwamatende abegxunyekwe eGreyville Racecourse. Abantu bebegcwele ngaphakathi ematendeni bengebaningi abaphithizela ngaphandle kwawo.
Ngokujwayelekile uma uhamba phakathi kwamatende kusuke sekunyathelwana ungakwazi ngisho nokudlula kwesinye isikhathi ushintshe nendlela kungasahambeki. Kulokhu ubuzihambela uze ufike la ufuna ukuya khona.
Indawo ebigcwele inyamfuka yisohlangothini lwamaphanta lapho abebhejela khona amahhashi. Ubuzwa ngenhlokomo futhi uma ungabhekile uhamba phakathi kwawo uzwe usuthelwa yisiphuzo bejabulela ukuwina kwamahhashi abawabhejele abanye bekhala ngokuhlulwa kwamahhashi abawabhejele.
Kosaziwayo abavamise ukwenza izinto ezehlukile ukuze banakwe uma befika kulo mjaho, nabo ababonakalanga. Obonakalile uDJ Tira ofike ngendiza enophephela emhlane njengenjwayelo njengoba evamise ukufika ngayo. Bekugcwele ngaphakathi ematendeni kakhulu. Elinye lamatende iHalisi Afrique lapho iDaily News okungelinye lamaphephandaba andawonye neSolezwe ingabaxhasi balo bekungubukhazikhazi. Ngisho nokudla kwakhona bebekhiphe unyawo njengoba ubuzitshela ukuthi sebekhiphe konke ekudleni uma usafika khona kodwa kuthiwe kusengamaStarter, kwagcina kufike ukudla kwaba yidili likamkhipheni. Ngokunjalo nosaziwayo bebephithizela khona futhi kudlala noDJ abaziwayo okukhona kubona noLamiez Holworthy weMetro FM.
KweleDurban Tourism nakhona beziphenduka njengoba bekuneziteji ezimbili. Bekukhona obekudlala kusona oDJ kuphela bese kuba ebekunandisa kusona abaculi. Kubaculi kubekhona uGatsheni wodumo lweHit After Hit ojabulise abantu, uSjava, uYoung Stunna, KO, iMicasa esheshe yadlala. KweloDJ singabala uHappygal, Sphectacula noNaves nabanye.
Kosopolitiki abafikile kulo mjaho singabala uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uThambi Ntuli, uNgqongqoshe woMnyango wezoBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu uVelenkosini Hlabisa, uMengameli we-EFF uJulius Malema obehamba nenkosikazi yakhe, uNobhala we-ANC uFikile Mbalula nabanye.
Kosaziwayo singabala abeSitha oLinda Sebezo noSibonginkosi Tenza, bese kuba ngabanye osaziwayo okukhona kubona oJessica Nkosi, Brian Temba, Lerato Kganyago, Selbeyonce woKhozi FM nabanye. Osomabhizinisi nabo bebekhona, abanye ababonakale befika abashadikazi uBahle Zondo noNomfundo Mcoyi weCebolethu.