UMCULI weKwaito waseThekwini, ukhala ngozenza yena kuFacebook. Uthi usezame kaningi ukumbika ukuze kuvalwe leli khasi ngoba ethi lidukisa abantu ngezinto ezibhalwa kulona.
UProfessor Langa uthe inkinga abhekane nayo ukuthi baningi abakholwa ukuthi ungumnikazi waleli khasi ngenxa yokuthi lifana ncimishi nelakhe.
Uveze ukuthi abantu abakwazi ukubona ukuthi akulona elakhe, abasondelene naye kakhulu nabanezinamba zocingo zakhe njengoba kulona kubhalwe izinamba angazazi.
“Sengizame kaningi ukubika lo muntu ozenza mina kuFacebook ngenhloso yokuthi livalwe ikhasi lakhe kodwa alivaleki. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi nezindaba ezibhalwa yilo muntu akuyona into engihlangene nayo, futhi kuhlala kubhalwa kulona kanti mina angimningi kuFacebook. Nendlela aphendula ngayo abantu kwesinye isikhathi yenza mina ngibukeke kabi ngoba akaphenduli kahle. Uphinde abhale nangepolitiki okuyinto engingakhulumi ngayo. Ngiphumela obala nje yingoba nginxusa umphakathi ukuthi ungilekelele ukuthi kuvalwe leli khasi ngoba ngelinye ilanga kuzobhalwa into enkulu kulona ezodicilela phansi isithunzi sami ilimaze nomsebenzi wami,” kusho uProfessor.
Uthe yize engemningi kuFacebook kodwa uma ethuke wabhala kuba wukuthi ukhuluma ngomsebenzi wakhe nangenkolo kuphela.
Umculi uthe okuba buhlungu kakhulu ukuthi lo muntu ozibiza ngaye kuFacebook wenza isiqiniseko sokuthi kufana yonke into esekhasini lakhe leFacebook ukuze abantu bakholwe ukuthi uyena. Uthe uma ekade enandisa emcimbini washutha, lo muntu wenza isiqiniseko ukuthi uthatha into entsha abeyenza ayinameke ekhasini lakhe ukuze abantu bakholwe ukuthi uyena.
Isolezwe lilihlolile leli khasi, ngempela libhala zonke izindaba ngisho nezabanye osaziwayo. Selinabalandeli abacela esigidini.