UMLINGISI owagqama kwiGenerations ngaphambi kokuba kuchithwe abalingisi emdlalweni kubangwa amaholo, uthi sebathelelana amanzi nomsunguli womdlalo uMfundi Vundla.
USophie Ndaba owagqama ngendawo kaQueen Moroka, umdlalweni osubizwa ngeGenerations The Legacy manje, uthi akaboni ukuthi kukhona okungamvimba ukubuyela emdlalweni uma edingeka.
“UBaba uMfundi Vundla siyaxhumana kakhulu naye abukho ubutha phakathi kwethu. Nangesikhathi seCovid-19 ubengiqashe komunye umdlalo wakhe omusha abewubhalele iSABC kodwa wagcina ungakhonjiswanga ngenxa yokuphazamiseka kwezinhlelo,” kuchaza uSophie.
Uphawule kanje ngemva kukomenyezelwa kokuthi uzolingisa emdlalweni weShowmax omusha i-016 FM, ozoqala ukukhonjiswa ngoJuni 26.
Emdlalweni omusha uSophie, ulingisa indawo kasomabhizinisi waselokishini uCharity. Uthe kumjabulisile ukuthi athole indawo ehlukile nekhuluma ngempilo yaselokishini abengakaze athole ithuba lokuyilingisa.
“Okuphinde kungijabulise kakhulu ukuthi ngidlala emdlalweni okhuluma ngempilo yaseVaal, okuyilapho ngidabuka khona kanti nomndeni usahlala kule ndawo. Okunye okuphinde kwangichaza ukuthi umdlalo ugxile empilweni kaMpho Sebeng (osanda kushona) okungumuntu obesemncane endimeni. Ngokujwayelekile imidlalo ivamise ukukhuluma ngamabhizinisi ayigxili empilweni yabantu abancane. Nokulingisa indawo kasomabhizinisi waselokishini kuyangichaza ngoba yinto entsha kumina. Njengomlingisi ngihlala ngikufisa ukuthola indawo ehlukile. Ngelinye ilanga ngiyafisa ukulingisa indawo kahobo nje, ukuveza ikhono lami ekulingiseni,” kuchaza uSophie.
Ekhuluma ngempilo yakhe uSophie uthe usenomkhiqizo wezempilo ohlanza igazi futhi uzowethula maduze.
“Yiwona umkhiqizo ongisizile ukuthi umzimba wami ubuyele esimweni esihle. Uyazi ngike ngagula kakhulu ngenxa kashukela. Bengilokhu ngisebenzisa imithi yodokotela kodwa kulokhu kunzima ukuthi umzimba wami ubuyele kahle esimweni. Ngize ngasizwa udokotela wami ophakamise ukuthi ngisebenzise amanye amahlamvu esintu, okuyiwona angivusa ngabuyela esimweni. Ngiqale ngawaxwaya ngoba ayababa kodwa ngigcine sengiwahlanganisa nezinto engizikhonzile ngiwaphuza nazo kwaze kwajwayeleka. Asebenze okomlingo ngabuyela esimweni ngokushesha kanti ngilekelele umzimba ngokujima,” usho kanje uSophie.
USophie uphethe ngokuthi, ukusebenzisana nokubambisana nodokotela ugcine ekhiphe umkhiqizo wakhe osiza kunoma yisiphi isifo emzimbeni. Ngakolunye uhlangothi ubuye abe ngumeluleki wezempilo.