MBALI KHANYILE
UZOLA 7 othuse abaningi kuleli bezwakalisa ezinkundleni zokuxhumana ukukhathazeka ngokugula kwakhe, uthi uzizwa esengcono kunesimo abe kuso phambilini.
Uke wathwala kanzima uZola 7 ebanjwe phansi yisifo sokuwa, ngokwemibiko yakamumva eshiye abalandeli bakhe beshaqekile.
Exoxa kafushane nentatheli yaleli phephandaba uthe: "Ngizizwa sengingcono. Ngiyalulama impela kodwa kangithandi ukwanda kakhulu ngesimo engibhekene naso njengamanje."
Ebuzwa ngesikhwama semali okubikwa ukuthi usungulelwe sona ngenhloso yokuthi kuqongelelwe imali yokubhekela izindleko zokwelashwa kwakhe, uthe akanalo ulwazi ngalolo hlelo.
Enkulumweni ekhethekile aseke waba nayo ohlelweni, iPodcast and Chill with Mac G, olukhonjiswa kwiYoutube, uphumele obala, exoxa ngengozi yemoto eyamehlela eshayela ngenkathi evukwa yisifo sokuwa.
Lo mculi wayephuma eZola elubangise eKhwezi ehamba yedwa emotweni, ngokusho kwakhe engxoxweni.
"Ngasizwa yingane eneminyaka engu-10 isingilahle phansi imoto engangihamba ngayo. Okubuhlungu nje wukuthi ngangihamba ngemoto yomunye umuntu. Eyami yalimala kwesinye isigameko esenzeka ngenkathi ngivukwa yilesi sifo ngisemgwaqweni. Ngeke ngiphinde ngiyishayele imoto ngoba kuyacaca ukuthi mkhulu umonakalo ongenzeka uma ngingase ngiphinde ngivukwe wukugula kwami emgwaqweni," kusho umculi.
Kuyona ingxoxo ubuye waveze ukuthi sekuphele iminyaka emithathu ephethwe yisifo sokuwa.
Uthe wubeke avuke esewile embhedeni, eselele phansi ngenkathi sisanda kuqala ukumxina isifo.
UZola ubuye wabonga u-Alfredo Darrington Bowman, obedume ngelikaDkt Sebi ongasekho emhlabeni, ngokumsiza ngamakhambi esintu adambise ukugula kwakhe.