USOLA isandla sesithathu ngokuqhekeka kobudlelwane bakhe nendodana yakhe unina wesihlabani somculi uMampintsha asebenesikhathi bagcina ukubonana.
UNksz Zama Gumede, ongunina kaMandlenkosi Maphumulo ugeqe amagula ebhoboka okokuqala kuleli phephandaba ngokunganeliseki kwakhe ngezinto eziningi, okubalwa nendlela okwenzeka ngayo uBabes Wodumo egcagcela kwakhe.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto limvakashele esemzini wendodakazi yakhe KwaMashu, uNksz Gumede uveze ukuthi selokhu bagcina ukubonana nendodana yakhe nomakoti wayo ngomshado owawusehhotela.
“Asazi ukuthi sonani njengoba sesishaywa ngesithende nje. UMandlenkosi selokhu samgcina ngosuku lwakhe lomshado, olwangihlukumeza umoya, ngagcina ngenza i-video namanje engingazisoli ngayo ngoba ngangikhuluma iqiniso,” kusho uNksz Gumede.
Uthe akazisoli ngakusho kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kunalokho wayesekhathele wukudeleleka ngenxa yezinto ezenziwa yisithandwa sendodadana yakhe.
“Ngaze ngakhuluma ngezindaba zezimpontshi nje ngoba ngangixakwa wukukhulelwa izikhawu eziningana kukamakoti wakwami kodwa ingabi bikho ingane egcina itetiwe. Namanje siqale sezwa ngabantu ukuthi usetetile ngaphambi kokuthi ngithunyelelwe nguMandla umyalezo engazisa ukuthi usewubaba,” usho kanje.
Uthe uzokholwa uma esezibonele ngawakhe amehlo ukuthi ngabe ngumzukulu wakhe yini lowo, okuxakayo wukuthi kungani uBabes, engazange enze ngendlela okuyiyona azobika isisu kubo kwengane uma esezithwele.
Okunye athe akumphethe kahle “yisikeshi“ somshado wabo abathi ngowesintu kodwa bayowenzela ehhotela, kwaphinde kwasetshenziswa yena nomndeni wakhe ukunandisa mahhala leso sikeshi, ekubeni babethenjiswe ukukhokhelwa.
NgoLwesithathu luyaqala uhlelo oluveza impilo yalezi zithandani, Uthando Lodumo, oluzokhonjiswa kwiShowmax.
UNksz Gumede uthe uma esebuza ngenkokhelo kudadewabo kaBabes oyimenenja yakhe, uNondumiso Simelane, wambuza ukuthi kukhona yini lapho asayina khona ngalokhu.
“UNondu nguyena iqhikiza elikhulu elingena ligamanxe ezindabeni zikaMandla noBabes. Kuningi ahlale exova kukona engikholelwa ekutheni ukudelela okuningi okwenziwa ngudadewabo usuke engumphehli wakho,” usho kanje.
“Wake wawuzwaphi umshado wesintu owenzelwa esigangeni? Umakoti wayeshadela kwabani futhi wathelwa ngenyongo yakwabani ngoba uMandla ngokosiko ungowakaGumede, uyise ngowakaMaphumulo. Yona ingane le ezelwe ibizwa ngasiphi isibongo?” kubuza uNksz Gumede.
Muva nje uBabes ufake i-video kwiFacebook lapho ebonakala egone ingane elingisela umamezala wakhe, ethi “Sanibonani yimina uMa kaSpontshi owamthwala izinyanga ezingu-9,” esho ehleka.
Kuthintwa imenenja kaMampintsha, uSbu Ncube, ithe ngokwazi kwayo isivumelwano sasiphakathi kukaMampintsha noBabes kuphela.
“Angikwazi ukuphawula ngezivumelwano ezenziwa eceleni ngoba kanginalo ulwazi ngazo,” usho kanje.
Imenenja kaBabes, uNondumiso Simelane, ihlekile uma ibuzwa ukuthi ngobani abazokhokhelwa ngokuvela ohlelweni.
“Ngabe kangisile uma ngingadalula imininingwane yenkontileka. Owayithola inkontileka uyazazi ukuthi uzothola imali noma cha,” usho kanje.