KUWE umuthi omkhulu emculweni wamakhwaya nowe-opera kuleli, uSolwazi Mzilikazi Khumalo, owazakhela udumo ngenoni lakhe lokuqala aliqamba ngo1959, elisihloko sithi Mangificwa Ukufa.
Udlula nje emhlabeni uKhumalo ubeqeda iminyaka engu-89 azalwa ngoMsombuluko njengoba aqala ukubona inhlamvu yelanga ngoJuni 20, 1932.
Uzobuye akhunjulwe kakhulu nangeqhaza alibamba ngesikhathi kuhlanganiswa ihubo lomzabalazo wabamnyama iNkosi Sikelel' i-Afrika nehubo lamaBhunu iDie Stem ukuze kuphume iHubo leSizwe.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba wumndeni wakhe, uKhumalo ushone ngezintathakusa zayizolo ngoLwesibili emuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside. "Siyadabuka kakhulu ukuthi umndeni wakwaKhumalo unazisa ngokudlula emhlabeni kukababa wethu othandekayo uSolwazi uMzilikazi James Khumalo.
Ushone ngezintathakusa zanamuhla (besho izolo). Ubaba wethu ubewumqambi wezingoma zomculo wamakhwaya ohlonishwayo. Ngakho sizogubha amagalelo akhe. Sizobuye sinazise ngezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo neyomngcwabo ngokuhamba kwesikhathi." Phakathi kwamanye amaculo awaqamba kubalwa elalithi Princess Magogo kaDinuzulu nelithi UShaka KaSenzanzangakhona.