OWAZAKHELA udumo ngokulingisa indawo kaQueen Moroka kwiGenerations, uSophie Lichaba, zimhambela kahle izinto emkhakheni wezokungcebeleka.
USophie (47), oselaxaze isibongo salapho abeshadele khona kwaLichaba, usesheba ukulingisa, ukuphrojusa nokusakaza. Kungakapheli nenyanga uSophie egixabezwe ngomsebenzi wokuphrojusa umdlalo alingisa kuwo iFamily Secrets, usewumsakazi esiteshini esikhuza ibuya iRadio Bop.
Uthe umsebenzi wokusakaza wawuthola emuva kokuphekwa kolunye uhlelo ngemibuzo njengesivakashi.
"Emuva kwezingxoxo, abaphathi babe sebengibuza ukuthi yini engingayijabulela ohlelweni lwangoMgqibelo. Ngabatshela ukuthi njengoba kubhoke iCovid-19, abantu badinga uhlelo oluzobakhuthaza futhi lubaqwashise ngezinto eziningi ukuze bahlale bephephile," kuchaza uSophie.
Uqhube wathi uhlelo lwakhe luyisimangaliso ngoba lugxile ezihlokweni nasemculweni othandwa ngabantu.
"Kuzobe kuyisonto lesibili ngilusakaza. Besihlela nje. Ngiyolusakaza eKitchen Vibe eRivonia. Kuzobe kumnandi kabi. Simeme inqwaba yongoti abazobe besixwayisa ngokudla ngendlela efanele, ukuphathwa kahle kwemali nokuphila ngendlela enempilo. Lezinto ziyahambisana. Ukuphila impilo emnandi udinga imali. Uma ungaphili kahle awukwazi ukuyosebenza kanjalo uma ungasebenzi awukwazi ukuba nemali."
Uthe wayengakaze aziphuphe engumsakazi kodwa wayefuna ukubukwa njengomkhangisi wengqephu. "Umsakazo wawuzongifihla. Ngangifuna ukubukwa nokwaziwa. Yize inkonyane isathuka isisinga ekusakazeni kodwa ngizogcina sengiwumpetha."
USophie usakaza uhlelo lwangoMgqibelo phakathi kuka-12 emini no-3 ntambama olusihloko sithi #TheRadioBopLifestyleShow emsakazweni oqeda iminyaka ewu-42 wasungulwa futhi owavumbulula ikhono lezingwazi ezinjengoBob Mabena, Tim Modise noTich Mataz. Ukulalela lolu hlelo ungangena kule website:www.radiobop.co.za
Mayelana nokuphrojusa uthe bese kufike isikhathi sokwenza umsebenzi ohlukile.
"Ngineminyaka engaphezu kuka-25 endimeni yokulingisa. Ngakho ukuphrojusa kufike ngesikhathi esihle. Siyalekelelana ngoba yonke into ihamba kahle uma kuhlanganiswe amakhanda angaphezu kwelilodwa. Ngijabule kabi ukugqoka izigqoko ezihlukene," kuphetha uSophie oke waxinwa yisifo sekashukela nyakenye njengoba manje esezwakala ewumqemane.