UKUBA yingane engenamahloni nekhonze ukufunda kumvulele amathuba usaziwayo osemncane osebanga imicimbi nosaziwayo abadala kunaye.
U-Ibanathi Mpungose (5) oyindodakazi kaSicelo Mpungose olama imbongi uSiyabonga Mpungose, usephatha izinhlelo ngisho emicimbini emikhulu okubalwa kuyo nemishado. U-Ibanathi oqale ukuduma eneminyaka emibili ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubala aze afike ezinambeni ezinkulu, ukucula, ukwazi osaziwayo nongqongqoshe usemenyelwa imicimbi emikhulu ukuzonandisela abantu nokuyinto akhombisa ikhono elikhulu kuyo.
Useke wabonakala noNomsa Buthelezi we-Our Perfect Wedding bephethe uhlelo emshadweni eHillcrest.
Uyise omdala uSiyabonga uthe ube nanhlanhla yokuthi kunano saziwayo futhi abangomama abanesineke nothando lwezingane asekwazi ukusondelana nabo. UDudu Lady D Khoza ungomunye wabo laba osaziwayo njengoba eke wanikeza u-Ibanathi ithuba lokuba yingxenye yohlelo lweWhite Star. "Wazinikeza isikhathi wamcinja ngendlela yokuphatha uhlelo nokwenza. Ngenhlanhla yokuthi vele akayona ingane inamahloni futhi uyakwazi ukuba phambi kwabantu wakwazi ukudlala indima yakhe,"kusho uSiyabonga. U-Ibanathi usekhangisela noNIDO namavideo akhe elingisela abaculi ashaya imillion nangaphezulu kuTik Tok. Isikhathi esiningi ukhonze ukuhlala nodadewabo kayise u-Amanda nogogo wakhe.
Eqhuba uSiyabonga uthe kulo nyaka bakhethe ukumshintsha isikole bayomfaka kwesixube izinhlanga ukuze akwazi nokufunda ulimi lwesiNgisi kwazise kwezinye izifundazwe uhlangana nezingane eziningi ezingasazi isiZulu. " Sanelisekile manje ngendlela alwazi ngayo ulimi lwakhe futhi ngeke kushintshe kodwa ukuze kube ngcono ukuxhumana nabantu sizozama ukuthi afunde nezinye izilimo ezikhulunywa eNingizimu Afrika. Uphinde wangena nakwi ballet ngoba uyawuthanda umdanso nokubhukuda,"kusho uSiyabonga.
U-Ibanathi uphinde wathola nethuba lokuba yingxenye yokuqoshwa kwevideo yengoma yokholo eshisa izikhotha kaJumbo ethi Wena Nkosi Uyazi. Kule mpelasonto ngo-30 Meyi eMaqaqa eMbumbulu uzobe ekhona lapho kuzobe kuthulwa ngokusemthethweni le ngoma kaJumbo. Abanye babaculi abazobe bekhona kubalwa uKhuzani, King Nuba, Ngizwe Mchunu, Thinah Zungu , Babo, Ayanda Ntanzi, Sgwili Zuma, Siyabonga Mpungose, Nkanyiso Miya, Malusi Mbokazi nabanye.