IPHINDE yaliphakamisa ifulegi lakuleli intokazi yaseMgungundlovu, uThuso Mbedu.
NgoMgqibelo, kusabalale ama-video nezithombe zikaThuso engena ohlelweni lwezingxoxo oludume umhlaba wonke i-The Ellen DeGeneres Show.
Le ntokazi edume kuleli ilingisa emidlalweni ehlukene okukhona kuyo othi Is’thunzi, kulolu hlelo ikhulume ngempumelelo yayo nokuthi kube njani ukulingisa kwifilimu yayo yokuqala yase-United States of America (USA), i-The Underground Railroad.
UThuso uphinde waveza ukuthi ungene kanjani kulo mkhakha ogcine umenze usaziwayo ngisho ezweni lase-USA.
“Ngibe nesikhathi esimnandi ohlelweni i-The Ellen DeGeneres Show nala ngikhulume khona ngezinto ezihlukene ezithinta umkhakha esikuwona. Bengijabule kakhulu njengoba kube yingxoxo yami yokuqala lena engiyenze e-studio. Injabulo engibe nayo ngalolu suku ibinkulu ngendlela engachazeki,” kuchaza uThuso ezinkundleni zokuxhumana.
UThuso bekungaqalli ukuthi abonakale ekhuluma ezinhlelweni zase-USA njengoba waba nengxoxo no-Oprah Winfrey.
U-Oprah waveza ukuthi ube nengxoxo nale ntokazi njengoba ethi wayithanda ngesikhathi eyibona kule filimu, wafisa ukwazi okuningi ngayo.
No-Ellen uveze ukuthi ukhethe ukuba nengxoxo noThuso emuva kokuthi ezwe ngaye ngo-Oprah ababekhuluma ngaye naye.
Insizwa yakuleli, uTrevor Noah, naye uke waba nengxoxo noThuso ohlelweni alwethulayo i-The Daily Show.
Abantu bakuleli bayibongele ngempumelelo yayo le ntokazi ngisho nosaziwayo nabo bayishayele ihlombe.