INGWAZI ye-jazz yaseLesotho, uTsepo Tshola, ifihlwe okomuntu wasebukhosini eHeroes Acre eThaba Bosiu, eLesotho izolo.
Kule ndawo yilapho kutshalwe khona amakhosi abeSotho futhi okugcwele khona zonke izinto ezingamagugu alesi sizwe.
UTsepo (67) washona esesibhedlela sangakubo ngoJulayi 15 ngenxa yesifo esihlobene neCovid-19. Kwakufanele angcwatshwe ngoLwesihlanu olwedlule kodwa umngcwabo wakhe wahlehliselwa usuku lwayizolo ngenxa yokuthi uhulumeni waseLesotho wawufuna ukumhlonipha ngokwezinga likahulumeni elisesigabeni sesibili.
Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaTsepo, umbhali wemidlalo yeshashalazi nezingoma, uLebohang "Lebo M" Morake uchaze uTsepo njengomuntu owaqopha umlando e-Afrika jikelele. Uthe yena umazi kudala uTsepo ngesikhathi eqopha enye i-albhamu eBop Studios, eNorth West.
"Isikhathi esiningi engimkhumbula ngaso yingesikhathi ngiqopha e-studio. Watheleka ngezintathakusa ngabo-3 ehamba noFrank Leepa. Samisa yonke into maqede saqopha iculo elisha... Emuva kwamasonto amabili uTsepo wazithola esesefilimini engangiyididiyela yize i-mastercopy yayo yagcina ingaphelelanga." Ubale uTsepo nezinye izinkakha zakuleli, okunguMiriam Makeba, Hugh Masekela, Caiphus Semenya nabanye njengabantu abamkhulisa futhi bamcija emculweni. Akuvamisile emhlabeni jikelele ukuba nomuntu onjengoTsepo Tshola... UTsepo akasiyo inkakha kodwa ubeyingqalabutho ngenxa yemisebenzi yakhe. Akujwayelekile ukuthi umculi akwazi ukumela amazwe amabili namasiko amabili ngesikhathi esisodwa," kuphetha uLebo M wodumo lweLion King.
UTsepo wazakhela ugazi kuleli ngesikhathi esahambisana neSankomota futhi bedume ngezingoma ezinye zazo ezithi Now Or Never, Papa nethi Stop The War. Esehamba yedwa futhi esezibiza ngeThe Village Pope, uTsepo waqhubeka lapho egcine khona ngamanoni ayethi Ho lokile nethi Akubutle. Ngesikhathi izikhulumi zisina zidedelana ziqephuza ngaleli qhawe, bekunebhendi ebilokhu iqhulula izingoma ezadunyiswa nguTsepo. Ezinye izihambeli bezivunule ngezingubo eziyisiko labeSotho, obekwenza kube sengathi wumkhosi wesizwe sakhona.