LISHONE izolo ilokhu ingenile imiyalezo yokubongela uBabes Wodumo noMampintsha okusabalale isithombe bephethe indlalifa yabo.
Izithombe zalaba baculi zisabalale ezinkundleni zokuxhumana nokuthe ukuhamba kwesikhathi uMampintsha wabonga abantu bakuleli ngemikhuleko akade bebabeka kuyona.
“Siyabonga kakhulu, usefikile undodana uVusumuzi, imithandazo yenu isiphendulekile,” kusho uMampintsha.
Nomculi ongumngani wabo omkhulu, uMadanone, naye ufake isithombe esifanayo enkundleni yokuxhumana i-Instagram naveze khona ukuthi uyababongela.
Izindaba zokukhulelwa kukaBabes ziqale ukuvela ngaphambi kokuqoshwa kohlelo lwabo oluthi Uthando Lodumo.
Izithombe ezasabalala emakhasini endawo yobumnandi Eyadini Lounge la babebungaza khona usuku lukaBabes Wodumo lokuzalwa, yizona ezaqinisekisa abantu ukuthi le ntokazi izithwele ngempela kulokhu.
UBabes akaphikanga futhi akavumanga ukuthi uzithwele.
Bekungaqali ukuvela kwezindaba zokuthi uBabes ukhulelwe, njengoba eminyakeni emibili kwakhe kwathiwa uzithwele kodwa wawachitha lawo mahebezi.
Muva nje, umama kaMampintsha waqopha i-video, echitha uBabes ethi akazani nomshado wakhe nendodana yakhe futhi akakhulelwe, usenga ezimithiyo.
Wathi konke lokhu akwenzayo ngamanga njengoba efake isipontshi.