UMSAKAZI weMetro FM, uPearl Modiadie, uthi abezindaba bamnike isibindi sokuthi aphumele obala ngezinsolo zokuhlukunyezwa ngokocansi esiteshini seSABC iMetro FM.
U-Pearl uzivumele ekhasini lakhe kwi-Twitter ukuthi ziyiqiniso izinsolo zokuthi wahlukunyezwa ngokocansi wumphathi wakhe kulesi siteshi.
“Sengithule isikhathi eside kwaze kwaba abezindaba bayayizwa le nto, ngiyathokoza kakhulu. Sekunginikeze isibindi sokuthi ngikhulume ngokunukubezwa ngokocansi engadlula kukho kwiMetro FM,” kusho uPearl kwi-Twitter.
I kept quiet for too long until media picked it up and never have I been grateful for that because it finally gave me the courage to speak out about the sexual harassment I was was subjected to at Metro FM. https://t.co/y5qgtEXGVn
— 𝐏𝐞𝐚𝐫𝐥 𝐌𝐨𝐝𝐢𝐚𝐝𝐢𝐞 (@PearlModiadie) June 14, 2021
Le ntokazi esebenze kulesi siteshi iminyaka emihlanu, iveze ukuthi le menenja ibijwayele ukukhuluma izinto ezingafanele ngomzimba wakhe.
Ngenkathi ekhuluma nephepha iSunday World nokuyiyona ethi ibone lama-email, uPearl uveze ukuthi bese kukaningi le menenja ikhuluma okungafanele ngomzimba wakhe.
Uthe ngenkathi egqoke i-jumpsuit emubambayo beshutha enkundleni yebhola, imenenja yamtshela ukuthi akabheke le ukuze kuzovela izinqa.
“Sekukaningi esho izinto ezingafanele ngomzimba wami ngisho phambi kwabantu engangisebenza nabo. Kukhona la ngangifake khona isithombe sami ngigqoke i-bikini wafika esekhuluma okungafanele emsebenzini,” kusho uPearl kwiSunday World.
Uqhube wathi okokugcina, imenenja yakhuluma kuma-email asemsebenzini abonwa ozakwabo, “Ngaphendula ngasho ukuthi lokhu ekushoyo akungiphathi kahle nokuthi ngasengikhathele.”
“Waxolisa kwi-email, waze wazoxolisa kumina kodwa ngangicasukile ngaze ngakhala. Usaziwayo owayekhona ngaleli langa ezindlini zokuqopha wabona. Indlela engangiphatheke kabi ngayo, angizange ngize emsebenzini ngosuku olulandelayo.”
Emva kokuba abantu bebhodle umlilo kwi-Twitter iSABC ikhiphe isitatimende. Igqugquzele abasebenzi bayo ukuthi bawabike amacala afana nalawa enkampanini.
The SABC views sexual harassment in a serious light and will use its internal policies and procedures to deal with this matter. The SABC encourages any employees subjected to sexual harassment to use the Corporation’s specific internal channels to report such cases.
— SABC (@SABCPortal) June 15, 2021