UMCULI ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, uLoyiso Bala, ulapho ekhona empilweni ngenxa yabantu besilisa abamkhulisile.
ULoyiso uthe emuva kokushona kukayise esemncane, wakhuliswa ngumzala wakhe, uLwando Bantom, owayeneminyaka engu-19 ngaleso sikhathi. ULwando wayesebenza egaraji etha uphethroli futhi enza konke ukuze balale bedlile.
"ULwando wangikhombisa indlela okwakumele ngibukele kuyo ukuthi ngifuna ukuba wubaba onjani. Wasinakekela nomfowethu uZwai, omdala kimi ngeminyaka emine," kusho uLoyiso.
Uthe uLwando wanikeza uthando nezeluleko ayengazinikwa nguyise.
Lo mculi ungomunye waba yingxenye yomkhankaso wakwaMetropolitan i-#MyPeopleMyEverything, wokubungaza abantu besilisa abadlale indima yokuba ngobaba empilweni yabanye ngisho sekudlule usuku lobaba obelungoJuni 20.
ULoyiso uqhube wathi ngesikhathi eseneminyaka engu-14 eseqenjini iDrakensburg Boys' Choir, uZwai nguye owayesemunakekela futhi waba ngumuntu abukela kuye. UZwai naye wake waba yilungu leDrakensburg Boys' Choir ngaphambi kukaLoyiso.
"Wayethumela imali ekhaya futhi wanginakekela ngisemncane. Yize nganginamaphupho ngikhula kodwa wayengekho umuntu engake ngambona ewafeza."
Uthe ukuze afunde ukunakekela umndeni nokukhulisa izingane wasizwa nguDkt Zolile Mlisana.
"Ngibusisiwe. UNkulunkulu ungibusise ngabantu abangaziphakamisile ukuze nami ngikudlulisele phambili ngibe nomthelela ofanayo ezinganeni zami. Ngingumuntu engiwuye ngenxa yabantu ababe ngobaba empilweni, ababe yikho konke."