ISIHLABANI somculo wokholo futhi esingumsakazi weMetro FM, uKhaya Mthethwa, sishaqise abaningi sidalula ukuthi sike sazinikela otshwaleni ngenxa yokhwantalala. Ekhuluma ohlelweni lwantambama lukaKhotso Thiledi, iThe Lady On Drive, uMfu Khaya Mthethwa, uthe izinkinga zokudakwa zabangelwe wukudivosa kwakhe owayenguNobuhle waseNingizimu Afrika, uNtandoyenkosi Kunene, ngo-2019 emuva kweminyaka emibili beshadile.
Uthe okwamenza wazinikela ophuzweni oludakayo yingcindezi ayeyifakelwa ngabazalwane ngokudivosa kwakhe.
"Ngike ngaba semlilweni. Ngashada unyaka nesigamu, maqede ngadivisa. Bengiphethwe wukhwantalala unyaka wonke nyakenye. Ngalala unyaka wonke ngingenzi lutho. Ngaba yisidakwa sotshwala, ngizama ukupholisa ubuhlungu ebengibuzwa." Uthe ubesehlazweni lokugxekwa ngokudivosa ekubeni eyikholwa.
UKhaya noNtandoyenkosi bagcagca umshado wesintu ngakubo kukaNtandoyenkosi, ePiet Rietief, eMpumalanga ngo-2017.
Kwamangala abaningi ngesikhathi uNtandoyenkosi ememezela ngokuphela komshado wabo ezinkundleni zokuxhumana, ngoDisemba 24, 2019 ekubeni babesanda kubusiswa ngomntwana owayesenezinyanga eziyishumi, u-Oyinkosi. Wathi baqala ngokuhlangana nomndeni wabo ngalesi sinqumo sokwehlukana abasebesithathile.
"Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule mina nomyeni wami sike sadingida ngokujulile ngomshado wethu nangezinselelo ezibhekene nomndeni wethu osemncane. NgeSonto sabe sesihlangana nabasemzini sabazisa ngesinqumo esesisithathile, sokuthi sehlukanise umshado ngokuthula. Ngabe sengazisa umama nomndeni wami wonke wakwaKunene, owaphoxeka kakhulu ngesinqumo sethu sedivosi. Kodwa bangincoma ngendlela engibamele kahle ngayo kwaMthethwa.
Eqhuba uNtandoyenkosi wathi bazoqhubeka bakhulise indodana yabo ngokuhlanganyela, ize izimele. Ngaphambi kokushadelwa wuNtandoyenkosi, uKhaya wake wasolwa ngokuthandana nobenguThandeka Zungu kwiSibaya nobenguQondisile Buthelezi kuwona umdlalo kodwa osekwiThe Queen, uJessica Nkosi. Lo mculi odabuka eMlaza futhi ongumfundisi ebandleni elizinze khona elokishini, waba ngumuntu wokuqala omnyama ukudla umhlanganiso kuma-Idols SA Season 8 ngo-2020. Ngaphandle kokucula ubuye asakaze noThami Ngobeni kwiMetro FM uhlelo oluthi Sacred Space ngamaSonto ngo-6 ekuseni. Nakwithelevishini kunezinhlelo zomculo wokholo azethulayo. Udume ngengoma yePop esihloko sithi Move neyokholo ethi Mkhul' Imisebenzi.