SIZOVALWA umlingisi ongakadalulwa isikhala sikaMangaliso Ngema osule emdlalweni iFamily Secrets ekhonjiswa kwiSABC 1.
Lo mdlalo, osukwisizini yesibili, udlala ngo-8 ebusuku ngeSonto.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi ukhuza ibuya, abanye babantu bazwakalise ukungenami kwabo ngokuthi uMangaliso uzoba yingxenye yawo.
Lokhu kungenxa yezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi abekwa zona ezinkundleni zokuxhumana ngumlingisi, uLorraine Moropa.
U-Lorraine noMangaliso babedlala ndawonye emdlalweni wakuSABC 2, iLithapo. Ngemuva kokuvela kwezinsolo, lo mlingisi waxoshwa kwiLithapo.
Abadidiyeli beFamily Secrets esitatimendeni bathe uMangaliso usule isigubhukane kulo mdlalo abelingisa kuwo indawo kaCaesar Mokwena.
"Ukusula isigubhukune kukaMnuz Ngema kuzomnikeza isikhathi sokubhekana necala elisenkantolo elithinta izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi abekwa zona. Iziqephu zesizini yesibili ezisele zeFamily Secrets zizoba nomlingisi omusha ozodlala indawo kaCaesar Mokwena," ngokusho kwesitatimende.
UMangaliso usanda kutshela Isolezwe NgoMgqibelo ukuthi ufuna ukugeza igama lakhe emphakathini ngalezi zinsolo.
Izolo, iCity Press ibike ukuthi ufake isimangalo sokungcoliswa kwegama lakhe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngesonto eledlule.
Kuthiwa ubopha uLorraine nenkampani ekhiqiza iLithapo, iQuizzical Pictures, ufuna bahlawule uR12.5 million.
Kuthiwa ngokwamaphepha asenkantolo, usola inkampani ngokunqamula inkontileka yakhe lungakenziwa uphenyo ngezinsolo nokusho ukuthi unecala nokuyinto ephazamise izindlela enza ngayo imali.
Ufuna ukuthi inkantolo iphoqe uLorraine neQuizzical Pictures ukuthi imkhokhele u-R60 000 okuyimali abezoyihola ngaphambi kokuthi kuphele inkontileka yakhe.