UDJ Black Coffee usenxuse uhulumeni nomasipala ukuthi balekelele amaciko ngalesi sikhathi esinzima engaqashwa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele umcimbi wokwethulwa kwesikhangiso okuhloswe ngaso ukuthi kuhehwe izivakashi zakwamanye amazwe ukuthi zize eThekwini. Lo mcimbi ubuseMax’s Lifestyle eMlaza.
Lesi sikhangiso senziwe ngokuhlanganyela noMasipala weTheku ngaphansi komnyango wezokuVakasha.
"Kwamanye amazwe isifonyo yinto abangasazi nokuthi bake bayisebenzisa. ERussia nje asisagqokwa. Ngiyazwelana kakhulu namaciko akithi athwele kanzima kulesi sikhathi futhi ngisacela ukuthi uhulumeni awasize kulesi sikhathi esinzima kangaka.“
Uthe naye ushayekile njengoba kwake kwaba khona isikhathi la ayengahambi khona kodwa manje sekungcono njengoba kukhona amazwe asebuyele esimweni esejwayelekile.
“Emazweni afana noRussia, sekuyasetshenzwa kubanjwa amakhonsathi amakhulu," kusho Black Coffee.
Ngokwakhe, uthe okumele kwenzeke lapha ekhaya ukuthi kube khona izithangami zokucushisa amaciko ngemali.
"Kumele uhulumeni nabo futhi omasipala bahlele izithangami zokucobelela ukuthi uma siphinda sihlangabezana nesimo esifana njengalesi yini okumele siyenze. Okunye ukuthi kumele amaciko atshelwe ukuthi angayonga kanjani imali ukuze uma ehlangabezana nezikhathi ezinzima akwazi ukuzinakekela size sidlule," kuchaza yena.
Uthe ukujabulele ukuba yingxenye yalo mkhankaso owethulwe umnyango wezokuVakasha, njengoba iTheku kuyidolobha akhulele kulona futhi lilihle.
Uthe ngalesi sikhangiso uyathemba baningi abazobona iSouth Afrika ikakhulukazi iTheku liyindawo okumele bayivakashele.
UMnuz Phillip Sithole, oyisikhulu kuMasipala weTheku, uthe kuyohlala kukubona ukuqhubeka bethuthukisa iTheku, yingakho bekhethe ukwenza isikhangiso esifana nalesi.
“Akekho omunye umuntu ebesingahlangana naye ukwenza lo msebenzi. UBlack Coffee yingane yethu eThekwini, ngakho siyabonga ngokuthi ahlanganyele nathi. Siyathemba ukuthi lokhu esikufisayo ngedolobha lethu kuzokwenzeka,” kuchaza uPhillip.