USONKONDLO obuye abe ngumethuli wezinhlelo wakuleli usenxuse abantu ezweni ukuthi bayeke ukufafaza amanga ngomgomo weCovid-19 ngoba lokho kwenza nabanye babe manqika uma sekuyithuba labo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uLebo Mashile, ogxekiwe emva kokugoma kwakhe nabahlengikazi ngenyanga edlule, uthe: “Uma sifuna ukusindisa izwe lethu, kubalulekile ukuthi sibagqugquzele size sibaphelezele abantu abadala ukuthi bayogomela iCovid-19.
“Uma sibasabisa ngezindaba ezingamanga mayelana nomgomo kuzobenza bangasiboni isidingo sokugoma kanti kubalulekile uma ubheka izibalo zabantu abadala abasishiye ngenxa yayo, ekubeni basinda ngobandlululo nangesikhathi kufika igciwane leHIV. Ngokwami ngifisa sengathi kungasheshiswa uhlelo lokugoma ukuze sigome sibe baningi,” usho kanje.
Uveze ukuthi emuva kwamasonto ayisithupha ajova ngomgomo weJohnson & Johnson, akukho nokuncane akhala ngakho nokungajwayelekile akuzwayo.
“Ngaphandle kobuhlungu obebuzwakala lapho engajova khona kodwa akukho okunye engikhala ngakho. Ngisho nezingane zami zike zangibeka ukhiye maqondana nalapho engajova khona kodwa kwangenzeka lutho njengoba kade sekunabahubhuza amanga bethi kuba nozibuthe enxebeni lomjovo,” kuchaza uLebo.
Uthe wayazi ukuthi kuzomele azichaze ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi agome nabahlengikazi okuyikona okwamenza wangakufihla ukuthi usegomile.
Echaza, uthe waba senhlanhleni yokuthi kwase kukhona abahlengikazi abase bemanqika ukujovwa ngeJohnson & Johnson, emva kokumiswa kwayo kusacutshungulwa okuthize kuyo.
“Kunenhlangano yezempilo engenzi nzuzo engiwumxhumansisi wayo, okwathi uma uhulumeni esethi kuzogonywa bonke abasebenzisana nezikhungo zempilo, kwavuleka intuba yokuthi ngingagoma nami. Kangiweqanga ulayini futhi ukugoma kwami akusho ukuthi ngeke isangingena iCovid,” kusasho imbongi.