INGWAZI yaphesheya kwezilwandle yodumo lwengoma esihloko sithi In Harm's Way nethi Coming Back Home, uBenjamin "Bebe" Winans, unochungechunge lwamakhonsathi eNingizimu Afrika ekupheleni konyaka, olubizwa nge-It All Comes Down To Love Tour.
UBebe uzoqala ukunandisa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoDisemba 9, adlule aye eGrand Arena eCape Town ngoDisemba 15, bese imbenge eyiphetha eSunBet Arena Time Square ngoDisemba 16.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uBebe ucashunwe ethi ukujabulele kakhulu ukuzojabulisa abalandeli nomculo wakho kuleli.
"INingizimu Afrika ingikhombise uthando olukhulu kabi kule minyaka eyedlule futhi ngicabanga ukuthi yingakho kungelula ukwenqaba uma ngicelwa ukuba ngize, ngizokwenza ikhonsathi.
Ngiyakuthakasela ukuxhumana nabalandeli bami baseMzansi, esteji nangaphandle kwasesteji."
Uthe iNingizimu Afrika seyifana nekhaya lakhe lesibili lapho echitha khona isikhathi ngisho engazile ukuzonandisa. "Sengilulangazelele kabi lolu hambo," kuphetha uBebe.
UBebe ngomunye wabaculi bokholo neR&B abangaconsi phansi emhlabeni jikelele, kangangoba usedayise amakhophi angaphezu kuka-20 million futhi wakhipha ama-albhamu ayisishiyagalombili ehamba yedwa.
Kubaculi abadume umhlaba wonke aseke wacula ngokuhlanganyela nabo, kubalwa, u-Anita Baker, Stevie Wonder, Eric Clapton, David Foster, Joe Thomas, CeCe Winans nabanye.
Le nkakha seyike yahlabana ngezindondo ezinhlanu kumaGrammy Awards, ezilishumi kumaDoves Awards, eziyisithupha kumaStellar Awards, ezine kumaNAACP Awards, ezintathu kumaSoul Train Music Awards neyeNAACP Theatre Awards emunxeni weBest Playwright, ngomdlalo wayo othi Born For This.
Emanonini okulindeleke ukuba uBebe angaphumi esteji engawaculanga, kukhona elithi It All Comes Down To Love, Lost Without You, Up Where We Belong, I Wanna Be The Only One, It's OK, These What Abouts, Dance, I'll Take You There nelithi Love Things.
Umgqugquzeli wochungechunge, uThabiso Mogashwa, uthe kuyintokozo enkulu kubo ukuletha le ngqungqulu yomculo kuleli.
"Ngesikhathi egcina ukuba kuleli wayethe kwase kuwuhambo lwakho lokugcina lapha. Ngesikhathi simthinta ukuba eze kuleli okokugcina besingenasiqiniseko sokuthi uzosamukela isicelo sethu.
Ngakho abalandeli bakhe abawubheke ngamehlo abomvu lo mcimbi ngoba kungenzeka kube wuchungechunge lwakhe lokugcina kuleli," kusho uThabiso.
Amathikithi aseyatholakala eTicketpro, Spar nasePayZone.