UDLISE abesifazane ngamapayimpi ngale mpelasonto umculi weGqom’ othi ngeke atshelwe ngabanye abantu ukuthi ayinakekele kanjani ingane yakhe. UBabes Wodumo kuze kwaphela impelasonto bengamuzwa abanye abantu besifizane ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi ebatshele ezikabhoqo ngokuphawula kwabo ngengane yakhe.
U-Babes uqale ukucasula abesifazane kusukela ngoLwesihlanu, ebatshela ukuthi mkhulu umehluko phakathi kukababa wengane nomyeni kulandela ukuthi kunabesifazane abebemkhuza ngokuqopha ama-video ezitika ngotshwala ekubeni unosana.
Babodwa ebebethi, lokhu akwamukelekile ngoba uBabes usewumdlezane futhi ukhombisa ukuthi uwunkosikazi onganasimilo. Yilapho eqale khona ukuphawula sakulwa ngoba bekukhona nabamcebisa ngokuthi angase alahlekelwe wuyise wengane uMampintsha.
Kula ma-video ebeziqopha wona uBabes inhlamba ibibuye iqhume phezulu ubona ukuthi unengekile. "Ngiyabona inqwaba ithintekile nge-video, bengiphendula laba abangishayela imithetho ngengane yami. Uphuza ingane isencane, uzokushiya ubaba wengane, kuzophela ngezinyembezi, izinzipho ezingaka kodwa uzibiza ngomama," kubabaza uBabes ngokushiwo kuye ezinkundleni zokuxhumana.
Eqhuba uthe ucela abantu bamxege ngoba konke akwenzayo uzenzela yena akahluphi muntu. " Nginemali yami ngingenza noma ingayiphi indlela engifisa ngayo. Ingane eyami awukwazi ukuqhathanisa umyenu nobaba wengane,"kusho uBabes.
UMampintsha uvele wachazeka naye wazithola esegaxela kule nkulumo emuva kokuthi enameke isithombe sakhe sakudala noBabes nesamanje ethi vele abantu babe ngabethembi. Ugqugquzele uBabes ukuthi bathandane kakhulu kunakuqala ukuvala umlomo izimfamona. Baqhubekile abesifazane nokuziphendulela bebodwa ababatshela ukuthi vele ngeke uthando lwabo lwafana nolwabo ngoba aluhambisani nesibhaxu.