USEKULUNGELE ukusebenza umlingisi wodumo kwiSibaya nakuZalo, uSphelele Mzimela, emuva kokuphuma kabuhlungu kule midlalo ejuqwa wukugula obekumuka naye ekhulelwe. USphelele, obelingisa indawo kaKentucky kwiSibaya nekaMazaza kuZalo, ugule waze washaywa nayisifo sohlangothi, esimphoqe ukuthi ahambe ngezinduku.
Uthi konke lokhu kuqale ngesikhathi ekhulelwe amawele, okungoNtandoyedlozi Buwuze noMelizwe Bubelebenkosi. Uthe waqala ukuhlukumezeka ngaphambi kwamasonto amabili azi ngokukhulelwa kwakhe.
"Ngaqala ngangakuthanda ukudla. Yize ngangazi ukuthi ngikhulelwe kodwa ngangingazi ukuthi ngamawele. Njengoba ngangilingisa kuZalo nakwiSibaya, kwakudingeka ngihambe ngebhanoyi ukuya kwiSibaya," kusho le ntokazi.
Uthe ngolunye usuku waxinwa ukuphalaza esesikhumulweni sezindiza saseThekwini kangangoba wayengena ephuma ezindlini zangasese. Ubutatata baqhubeka ngisho esephakathi ebhanoyini nasesikhumulweni samabhanoyi saseGoli, i-OR Tambo Airport, kwaba yiso leso. "Ukuphalaza kwakungixina ngisho noma siqopha. Ngagcina ngingasakwazi ukusebenza kahle. Abaphathi bangiphuthumisa kudokotela owangitshela ukuthi ngikhulelwe amawele, okuyinto eyangishaqisa kakhulu.
“Ngabuyela emsebenzini kodwa ngaqhubeka nokuphalaza futhi nokudla kungasangeni ngaze ngagcina sengiquleka emsebenzini. Abaphathi bagcina sebethi angibuyele ekhaya."
Ngenxa yokuthi wayengasadli, uthe waqala wehla nasemzimbeni futhi waphelelwa nangamandla.
"Ngangingasakwazi ukuzigeza. Sengisizwa wumama. Izinyanga ezimbili ngiphuza amanzi kuphela nawo ngibuye ngiwaphalaze. Ngaphuthunyiswa emtholampilo wangasekhaya sengingasakwazi ukukhuluma, umlomo wami sewutshekile futhi nohlangothi lomzimba lungasasebenzi. Abahlengikazi bathi angichame, kwatholakala ukuthi akuphumi lutho ngoba amanzi ayengasekho emzimbeni." Uthe nasemehlweni wayengasaboni kahle, eseluvindi nje. Uthe abahlengikazi baphakamisa ukuba adlulele esibhedlela kodwa wenqaba.
Eqhuba, uthe baze bamphoqa ngenkani ukuba aye esibhedlela ukuze athole ukuhlengwa okuphelele.
"Esibhedlela bafike bangijova ngagcina sengikwazi ukudla futhi ngingasaphalazi. Abahlengikazi bathi ukube angizanga esibhedlela ngabe amawele ashona ngoba nawo ayengasakutholi ukudla."
Uthe izinkinga zakhe zempilo azigcinanga lapho kodwa zaqhubeka.
"Ngathi uma sengibuyele ekhaya ngahlaselwa yisifo ezinyaweni. Ngangabe ngisakwazi ukuhamba kanjalo nokushayela. Kwafanele ngishayelelwe uma ngiya esibhedlela nasemitholampilo. Uma ngisendlini ngase ngihamba ngama-crutches kanti esibhedlela babengiqhuba nge-wheelchair."
Uthe kwathi eselulama futhi esekulungele ukubuyela kwiSibaya, kwavele kwaqubuka iCovid-19, kwathiwa ngeke kulunge ehle enyuka ngezindiza ngoba impilo yakhe isengcupheni. Ubhuquze ekhaya kwaze kwaba uyabeletha. Namanje uthi ubengakawutholi umsebenzi yize esekulungele ukubuyela ekulingiseni.