ISILOMO somlingisi woZalo uThabo Mnguni sikhala ngokwenzelela esithi kwenziwa yiDurban Tourism uma kuza emikhankasweni yayo yokunxenxa izivakashi ukuthi zize eThekwini.
UThabo olingisa indawo kaMbatha kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto, ugxeka uDurban Tourism ngokungaqashwa kwamaciko afana nabalingisi nezimbongi emikhankasweni yeDurban Tourism..
Ekhuluma neSolezwe uthe lokhu sekuqhubeke isikhathi eside kakhulu.
“Asazi noma abazi yini ukuthi kukhona abalingisi, izimbongi namanye abaciko eThekwini.
"Ngizoqala ngihlehlele emuva ngiye eminyakeni elinganiselwa kweyisithupha edlule. Ngahlangana nabanye abafowethu ababeyiziboshwa senza umdlalo esasifuna uhambele emalokishini. Sawusa eDurban Tourism ngenhloso yokuthi sithole uxhaso. Abasisizanga balokhu besisa le, nale," kusho uThabo.
UThabo uthe namanje uma iDurban Tourism yenza imikhankaso ifaka amaciko awodwa njalo.
"Bayenzelela, amaciko bawakala njengamanzi ophuthu banezithandwa zabo. Bagijima nabantu begqom' noDJ okuyibo obabona betetemuka ngamabhasi avuleke phezulu. Abazinaki izimbongi nabalingisi. Abalingisi bangenza imidlalo emifishane efundisa abantu ngezokuvakasha. Angazi noma abantu bezwa kahle yini uma kudlala igqom'." kusho yena
Uthe lona umkhankaso awuqale eyedwa ngoba efisa ukuveza ilaka lakhe.
"Angisiyona ingxenye yenyunyana yamaciko ngoba angikholelwa. Wonke umuntu uma elambile ukhuluma ngezinyunyana kodwa uma sebethola bayakhohlwa abanye. Ngibhalile ekhasini leDurban Tourism ngezikhalo zami kodwa bangangiphendula, hhayi ngoba bengabonanga kodwa yinto yamabomu."
Isikhulu seDurban Tourism uWinile Mntungwa sithe kumele uThabo angabaphambanisi nehhovisi elixhasa amafilimu ngoba okwabo ukuletha izivakashi eThekwini.
UWinile uziphikile izinsolo zikaThabo wathi maningi amaciko asebenzisana neDurban Tourism, wacebisa uThabo ukuba abhalele iDurban Tourism ngokusemthethweni abeke izikhalo zakhe..
"Izinkundla zokuxhumana ezokuncokola kumele abhale ngokusemthethweni. Wena ungifonelile wangithola. Sisebenza nawo wonke amaciko gakho akushoyo akunasisekelo," kusho uWinile.