UKUCEKELWA phansi kwezikole ezibalelwa ku-139, ngumphakathi obubhikisha KwaZulu-Natal, kucasule owayengumlingisi weGenerations, uXolile Tshabalala, maqede wakhwela wadilika kubantu abamnyama.
Ebhala ku-Instagram, uXolile (44), owayenguJulia Motene kwiGenerations yokuqala, uthe abantu abamnyama mabavuke emaqandeni, bavule amehlo. Ukugxeke kakhulu ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ngabantu bakuleli abasuke bebhikishela izimfuno ezithize. Kuzokhumbuleka ukuthi umphakathi waseKZN nowaseGauteng ubhikishe washisa izitolo futhi watapha izimpahla ngesonto eledlule.
"Idlanzana leziqumama ezimhlophe alikaze labahluphekisa abantu. Alikaze lacekela phansi izakhiwo. Alikaze lacekela phansi izikhungo zemfundo ephakeme. Alikaze lacekela phansi izikole. Thina njengabantu abamnyama sesenzeni? Sathola inkululeko eminyakeni ewu-27 eyedlule, sayicekela phansi ngezinsukwana eziyisishiyagalombili. Yini nje esesiyenzile ngaphandle kokucekela phansi izinto esizidinga kakhulu?" UXolile ubuye washiya angalazi kosopolitiki, ebasola ngokuholela abantu ophathe nokubasebenzisa maqede babalaxaze.
"Angikaze ngezwa usopolitiki ethi ulwela ukuba kube ne-laboratory noma inyuvesi yabantu abamnyama. Kule minyaka ewu-27 ngabe sesenze okukhulu kabi kodwa sinopolitiki abasenzela phansi." Uthe abantu basele bodwa osizini.
"Asinabo abaholi abaqotho. Bubolile ubuholi baseNingizimu Afrika. Osopolitiki bayasisebenzisa ukufeza izinhloso zabo. Uma thina njengabantu singaboni ukuthi osopolitiki bayizigebengu namaqola anjani, ngeke siphinde sibabone futhi. Osopolitiki banethezekile emizini yabo, basebenzisa thina ekubeni izingane zabo zifundela emakhaya nangezinkundla zokuxhumana. Izingane zabo zithola imfundo engcono ekubeni ezethu zingafundi ngoba izikole zivaliwe." Uthe osopolitiki abawukhathalele umphakathi futhi abanandaba nawo.
"Sezadlula lezo zinsuku lapho esasisebenzisa khona ibala. Uma umuntu omnyama engenawo ugesi, kumele wazi ukuthi nomhlophe, oyiNdiya noyiKhaladi akanawo. Akusahlangene nebala manje. Sonke sihlukumezekile ngoba osopolitiki bethu bangogombela kwesabo." Esephetha, uXolile uthe umengameli wokuqala omnyama kuleli, uDkt Nelson Mandela, uma engavuka ethuneni angashaqeka ngendlela leli lizwe eselicekelwe phansi ngayo ngosopolitiki.
"Licekelwe phansi ngosopolitiki abafuna amandla, imali futhi abanomhobholo. Bakwenza lokhu benethezekile emakubo bese besebenzisa thina. Ungabavumeli basebenzise ubuhlanga ngoba uma kungena-petrol, sihlukumezeka sonke. Uma wena nami singavuki siqede lo msangano, siyovuka sesingenazwe. Bantu baseNingizimu Afrika, asivukeni emaqandeni ngoba asinakiwe," kuphetha uXolile