AMACIKO akuleli amkhombe ngenjumbane uhulumeni noMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa, ngemva kokuqubuka kwezibhelu, okulandelwe ukutatshwa kwezimpahla okwenzeke kuleli sonto.
Umethuli wezemidlalo kwiSABC u-Andile Ncube, usole uhulumeni ngokuqola abantu.
"Uma ngizicabangela, basintshontshele maqede basebenzisa amandla ezepolitiki ngezinkantolo namakhomishini. Kodwa uma sebekhathele yile midlalo yabo, bathumela nina ukuba niyoshisa izakhiwo ezidala le misebenzana eninayo, nemigwaqo esisa lapho sisebenzela. Okuncane esikuphilelayo. Banithumela ukuba niyofa emigwaqweni ngesikhathi benethezekile kulezi zindawo abaziqola. Bantshontshele thina, bagwilika maqede basikhohlisa."
U-Andile uthe izikhulu zikahulumeni zifuna abantu bazilwele izimpi zazo. "Izimpi zabo zangaphakathi. Ungacekela kanjani phansi into ekuphilisayo egameni labacindezele impilo yakho? Sukumani nithi cha, ngomphakathi wami nagegama lami," kuphetha u-Andile, obuye azwakale nakwiMetro FM.
Umculi we-Afro pop uKelly Khumalo, usole uRamaphosa ngeqhaza alibambile ekucekelweni kwezitolo namafemu akuleli.
"Umengameli wenu ukhulumile kodwa angizwanga lutho. Ngeke ngiqambe amanga, angizwanga lutho. Ucele kube noxolo kodwa wangasho lutho ngeqhaza alibambile. Ngicela ungizwe kahle, angitusi okwenzekile kodwa ungabagxeka abantu ngabakwenzile? Abantu bese bebekezelile kakhulu futhi bethobela umthetho zonke lezi zinyanga ezingu-22 somvalelandlini, bengenamisebenzi nakudla." UKelly ubhekise nakubantu abacekele impahla, wathi uyazi ukuthi umuntu akabe esacabanga uma esecikeke kakhulu.
"Ngiyethemba niyakuqonda ukuthi ekugcineni yithina esizoqhubeka sihlukumezeke. Ukutatshwa kwezimpahla nokucekelwa phansi kwezakhiwo akusona isixazululo.“
Nomlingisi wodumo kwiSibaya, u-Ayanda Ngubane-Borotho, uthe lokhu okwenzekile wubugebengu obungahlangene nabuhlanga.
"Ukungalingani kwabantu ngokwenhlalakahle nangokomnotho yikho lokhu osekuqubuke esiswini. Siwumphakathi ongasakhathalele kulahlekelwa yilutho. Ayikho into eyingozi njengomuntu olambile futhi odiniwe, akabe esakhathalela lutho. Ubuholi abulingise lesimo," kusho u-Ayanda osenguphrojusa womdlalo othi Nqobile.
"Abantu bathenjiswa amathuba alinganayo bakhathele manje... Abantu abalambile futhi bacasukile. Qedani ukutatshwa kwezimpahla, qedani ubugebengu, qedani ukucwasana ngokobuzwe nokubhebhethekisa lokhu."
Esephetha u-Ayanda uthe akuqedwe indlala nokubhuquza kwabantu emakhaya ngenxa yokungabikhona kwemisebenzi.
UJub Jub, umrepha ongumethuli wohlelo i-Uyajola 9/9, uvikele ebebetapa izimpahla. Uthe usekhathele ukubona abantu abamnyama bebiza abanye ngemigulukudu ngoba bona bemi kahle.
"Ungamahlulela kanjani futhi uze ubize omunye umuntu omnyama ngenswelaboya. Ngenxa yokuthi wena ukhomba ngophakathi," kusho leli ciko eladuma ngengoma ethi Ndikhokhele.
Uthe akazincomi izenzo zezigilamkhuba kodwa wabuza ukuthi bekumele kwenzekeni uma abantu beholelwa ophathe yonke leminyaka?
Yize nomsakazi weMetro FM uLerato Kganyago, eqale ngokuphikisana noJub Jub kodwa uthe lolu dlwambedlu lwaqala kudala ngenxa yomndeni wakwaGupta
ULerato uthe ukuxhashazwa kwabantu nguhulumeni akuqalanga ezinyangeni ezine ezedlule kodwa kusuka kude, ngesikhathi kungena kuphuma omengameli.