UZODWA Wabantu uthi ubesekhathele ukuguliswa yibhabhalazi nokuchitha imali eningi etshwaleni, wabe esethatha isinqumo sokungena esikhungweni esisiza abantu ukuthi baphume otshwaleni nasezidakamizweni.
Ekhuluma neSolezwe izolo, uZodwa Libram odume ngelikaZodwa Wabantu, uthe inkinga anayo ngeyotshwala, wathi izidakamizwa zona akazilokothi, yize kwi-video ayifake kwi-Instagram ngoMsombuluko ebethe ungene kulesi sikhungo ngenxa yotshwala nezidakamizwa.
“Buyinkinga utshwala njengoba mina sengimdala, uma ngibuphuzile ngiba nenkinga, kuphela cishe izinsuku ezintathu ngigula. Ngakho ngibone kungcono ukuthi ngizame indlela yokubulawula. Yize bona bumnandi kodwa futhi nasephaketheni buyayiqeda imali yami.
“Uma kuziwa ezidakamizweni, cha-ke zona angizidli kodwa nazo ngizifakile ngenxa yokuthi kungenzeka kube khona ongene shi kuzona kodwa udinga ukuthola isikhuthazo sokuthi aye esikhungweni esisiza ngezidakamizwa ukuze athole usizo.
“Ngiyathemba ukuthi ukufaka kwami le video nesinyathelo engisithathile kuzosiza abantu abaningi,“ kusho uZodwa.
Uthe ukwenza lokhu ngenxa yokuthi ufuna ukuzisiza yena njengoba eseyisigqila sale nto.
Uthe osaziwayo kumele ngabe bakukhuthalele ukukhuthaza abantu ukuthi baphile impilo yabo futhi banganaki ukuthi abanye bathini.
“Ngike ngafaka i-video lapho bengikhuthaza khona abantu ukuthi badle imishanguzo yabo yeHIV njengoba nami ngiyidla, bangabi namahloni. Baningi osaziwayo abacwile ezidakamizweni kodwa kabaphumeli obala.
“Ngisho sebeyofuna usizo bayafihla, baze beqale bakhulume uma sebephuma ezikhungweni, sebelutholile usizo. Ngokwami, umuntu uma esafuna usizo, kumele asho engakalutholi ukuze nabanye abanenkinga efanayo bakhuthazeke,“ kuchaza yena.
Uthe isikhungo akusona siseThekwini lapho ezohlala khona izinsuku eziyishumi, wathi kutholakale ukuthi isimo sakhe asikabi sibi kakhulu.