UMCULI kamaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ukhala uyazithulisa njengoba kubukeka sengathi isithathiwe intokazi ewumlingisi azifelayo ngayo uNatasha Thahane.
Igcokama kade laphumela obala ezinkundleni zokuxhumana ngokuzishaya ngoNatasha njengoba ebenokunameka izithombe namavideo akhe emakhasini akhe.
Kuleli sonto nokho kusabalale izithombe zale ntokazi iseholidini endaweni efanayo nomdlali wePirates uThembinkosi Lorch nokwenze abaningi basola ukuthi kukhona okwenzekayo phakathi kwabo.
Libhala kuFacebook Igcokama lizwakalise ukuphoxeka lithi: “Ningahleki ngoba indoda ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke ngomunye. SK akawanga uguqe ngedolo.”
U-Lorch ufake isithombe sikaNatasha ekhasini lakhe le-Instagram kulandela amahlebezi angempelasonto okuthi banobudlelwane bezothando.
Abaningi lokhu bakuhumushe njengendlela yakhe yokuqinisekisa izinsolo zokuthi bayathandana.
Ngempelasonto ezinkundleni zokuxhumana bekunezithombe zalabo saziwayo ngokuhlukana beseholidini, bezipholele olwandle lwaseZanzibar.
Yize bezingekho izithombe lapho bebeshuthe khona bendawonye kodwa abantu babonile ukuthi bebesendaweni eyodwa.
Abantu kuTwitter bazicabangele baphuma nempendulo yokuthi laba ababili bayathandana. Bavundulule nezithombe ezindala zikaLorch noNatasha, ezinye zazo ezibaveza behlezi kusofa ofanayo yize bengashuthile ndawonye.
NgoMsombuluko kuvele i-video kaLorch exoxa noDJ Maphorisa lapho eyiphike walala ngomhlane eyokuthandana noNatasha phezu kwezithombe zabo ebezigcwele izinkundla zokuxhumana.
Ngesikhathi uMaphorisa embuza ukuthi uphi uNatasha, uLorch uthe akukho Natasha la.
“Nawe uyabona, mina ngisendlini, angazi yini abantu belokhu bethi siyathandana futhi nginaye. Kungenzeka ukuthi sibe seholidini ngesikhathi esisodwa kodwa akekho la nami, ungeza uzozibonela nawe,“ kusho uLorch.
Izolo Lorch ushaye ungqimphotho, wafaka isithombe sikaNatasha ku-Instagram nombhalo othi beke (isonto) le(ne) beke (nesonto) wase efaka inhliziyo, nokushiye abaningi benesiqiniseko sokuthi bayajola.
Abantu baveze imibono ehlukene ngesikhathi uLorch esefake isithombe sikaNatasha.
UJulz_mo uthe “Wakuqeda ukuqagela”.
UThoba.ni uthe “Seluze lanishisa, seniyahluleka ukulifihla”.
UNhlanzeko.zondi uthe “Uzokuphula inhliziyo”.
U-Anele_gumede uthe, “Lapho usisi useveze ukuthi yena akekho ebudlelwaneni bezothando namuntu”.