UMSAKAZI, uNgizwe Mchunu, uthi akanalo ithemba lokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo izosibuyekeza isinqumo sayo sokugwema owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, aqhubeke nesigwebo esibekiwe sezinyanga ezingu-15 ngokwephula imiyalelo yenkantolo.
UNgizwe onesiteshi sakhe, iNgizwe Online nongumlandeli wokuqina kaZuma, ekhuluma neSolezwe izolo ekuseni, umoya wakhe uzwakale phansi, wathi, "Angikaze ngibuzwe ubuhlungu obunje.“
UNgizwe ubengomunye wabebeseNkandla ukuyozama ukuvimba ukuboshwa kukaZuma ogcine ephelele ejele lase-Estcourt ezintatha, izolo.
"Angisathembi lutho ngokuthi isinqumo sokuboshwa kwakhe siyoshintshwa ngoLwesihlanu (esho namhlanje) enkantolo, (eMgungundlovu lapho abameli bakaZuma bebefake khona isicelo sokuvimba amaphoyisa ukuthi ambophe) nangoMsombuluko (eNkantolo yoMthethosisekelo). Sizoqhubeka sihloniphe umthetho yize siphatheke kabi."
Uthe ubenezizathu zokweseka uZuma nokubonakala, wathi ingakho waphelela eNkandla ukuyomeseka.
"Ngingowakhona eNkandla, ngakho bengingeke ngingamkhalisi umakhelwane wami. Bengiyobabaza njengokosiko ukuthi uma kunesililo kwamakhelwane niyaphuma nezagila niyobheka. Kubuhlungu kithi sonke nami bengiyoveza imizwa yami. Alikho iso lafakwa inhlabathi langacwayiza ngaphandle uma ufile. Sihlulekile. Ukube bekuvumelekile ukuyobona abantu ejele, bengizoya ukuyomvakashela ubaba," kusho uNgizwe othe usebuyele eThekwini.
Abanye osaziwayo bebengafuni ukuphawula ngesikhathi bethintwa kodwa abanye bafake izithombe zikaZuma ezinkundleni zokuxhumana nemibhalo ehlukene.
Umsunguli wamaCrown Gospel Music Awards uZanele LaMbokazi-Nkambule ufake isithombe sikaZuma nombhalo othi: "7 Julayi 2021. Ngiyolikhumbula lolu suku ngelanga lokhetho. #Mhlanganyelwa #WenzeniUZuma."
UL'vovo uvele wacaphuna izinhlamvu zengoma kaJumbo ezithi "Wena Nkosi uyazi".
Umculi owayeyilungu leShana, uDemor uthe: "Phephisa Nxamalala. Phephisa Mhlanganyelwa. Phephisa nkunzi emdwayidwa, kuzodlula."