UMETHULI wezinhlelo zethelevishini, u-Andile Gaelesiwe, ukhiphele bonke ubuhlungu adlule kubo encwadini ngenhloso yokwelapha abanye abantu besifazane.
U-Andile owethula iKhumbul' Ekhaya kwiSABC 1 neThando Noxolo kwiMoja Love, ubhale incwadi esihloko sithi Remembering. Echaza ngencwadi u-Andile uthe, igxile kakhulu kwizigameko ezamehlela futhi zashintsha impilo yakhe.
"Ukubhala le ncwadi kube wumzuzu obuhlungu ngoba bekufanele ngikhumbule bonke ubunzima engidlule kubo. Izinyembezi bezizehlela ikakhulukazi ukubhala ngesihluku sokuhlukunyezwa ngumuntu engangithandana naye. Kunesikhathi ebengehluleka ngaso ukuqhubeka nokubhala. Kungithathe isikhathi eside ukuqedela leso sahluko. Bekufanele ngikhumbule konke okwenzeka ngisho nendlu okwenzeka kuyo," kuchaza u-Andile.
Uthe yingakho simhlulile isikhathi abenekizwe sona ukuba aqede ngaso ukubhala incwadi.
"Nesinqumo sokuyibhala asibanga lula neze. Kwabathatha iminyaka emibili abakwaNB Publishers, ukungincenga ukuba ngibhale incwadi kodwa nginqaba. Ngize ngaqala ukuyibhala ngoJulayi nyakenye," kusho u-Andile.
Lo methuli wezinhkelo waduma kakhulu ngenoni lekwaito elalithi Abhuti Yo. Phakathi kwezigameko azidalulile encwadini kukhona nesokudlwengulwa kwakhe nguyise nosomatekisi eneminyaka ewu-11.
"Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngakho konke engidlule kukho ngoba yikho okushintshe impilo yami. Le ncwadi iyingxenye yokupholisa kwami amanxeba. Ngiyenzele bonke abesifazane abadlwenguliwe nabahlukunyeziwe ukuba bathole ikhambi elizobapholisa amanxeba. Akulula kodwa bazokwazi ukuthi mina ngenzenjani ukuze ngiphole."
Uthe akuzona kuphela izigameko ezaziwayo abhale ngazo kodwa kukhona nezinye abazobe beqala ukuzwa ngazo labo abazoyifunda. Esephetha uthe incwadi iyatholakala kuzo zonke izitolo zezincwadi zakuleli.