ZIYAKHALA ngempela kuTwitter phakathi kukaPrince Kaybee nomrepha uCassper Nyovest emuva kokuba uKaybee ebhuqe uCassper ngokungabuyiseli emphakathini
ZIYAKHALA ngempela kuTwitter phakathi kukaPrince Kaybee nomrepha uCassper Nyovest emuva kokuba uKaybee ebhuqe uCassper ngokungabuyiseli emphakathini.
UKaybee uthe abanye osaziwayo bahambela kude kubalandeli babo kangangoba ababuyi bezobabonga uma sebebakhuphulile.
"Njengokuthi unikeze amasampula kubangani bakho abadumile hhayi kubantu abakwenze waphumelela. Manje lokho kwenza kuxoxwe kodwa kungabi namthelela," kubhala uKaybee.
Kuzokhunjulwa ukuthi uCassper ubesanda kunikeza ozakwabo amasampula ezicathulo ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iDrip Footwear.
Eziphendulela uCassper uvele waphonsela inselelo uKaybee yokuthi asayine isivumelwano sempi yamankomane phakathi kwabo.
"Ukuphendula kuTwitter ngeke kukudumise noma kukwenzele imali eningi. Isicathulo sami senza kahle kakhulu. Nginengoma eshisa izikhotha ezweni futhi sengijahe kabi ukukugingqa ngesibhakela." Uthe okumenza afune bangqimuzane ngequpha noKaybee ukuthi impi yakuTwitter ayipheli.
"Sonke siyawuthanda umnyakazwana omncane. Wena Prince Kaybee unenkinga nami futhi kumele siyixazulule. Uthe uzokulwa nami mahhala. Uhehwe ngemali kodwa manje akasafuni ukulwa. Asingene eringini. Sengijahe kabi," kuphetha uCassper onengoma esihloko sithi Siyathandana.
UKaybee uthe okwenze wakhetha ukuba baxovane ngequpha mahhala ukuthi vele isiteki asibeke etafuleni sincane.
"Kodwa Shotpan ubeke isivumelwano sikaR350 000. Leyo mali ngiyenza uma inyanga ibheda. Ngakho uma sishayana mahhala, asihlangane manje lapho ukhona kodwa uma uzokwenza inzuzo ngale mpi, ngifuna uR2.5 million. Angiwesabi umnotho wakho mbumbulu, baba. Faka imali lapho idingeka khona," kuphendula uKaybee. Akukhona okokuqala uKaybee ebhuqa uCassper, uke wagadla kuye ngesikhathi emgxeka ngokufuna ukwenza yonke inhlobo yomculo njengoba esebuya nakwigqom’.