SEKUVALWE i-akhawunti yokuqoqa imali yokubhekana nezindleko zecala lomsakazi osephenduke intandokazi kwabaningi ngokweseka owayengumengameli wakuleli.
UNgizwe Mchunu, weNgizwe Online nowayengumsakazi woKhozi FM, ubeseqoqelwa imali kubalandeli abebenothando lokulekelela ukubhekana nezindleko zecala. Udadewabo kaNgizwe, uWelile Mchunu, umemezele ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi sekuphazamiseke uhlelo lokuqoqwa kwale mali njengoba bevuke ingasasebenzi izolo i-akhawunti yakhe yasebhange.
"Ngizocela ukudlulisa lokhu kulabo akade befuna ukufaka isandla kwi-akhawunti yenkosi yamabhinca ngqo. Izolo sivuke ingasasebenzi, ngathi bavele bayivala," kusho uWelile.
Yize kunjalo kodwa uWelile uthe abapheli mandla futhi zizoqhubeka izinhlelo zokulekelela uNgizwe. Uveze ukuthi baningi abantu abebemthinta befisa ukulula isandla kodwa bahlangabezane nale ngwadla. "Ithimba leNgizwe Online lizonazisa ngokuzoqhubeka kusuka manje. Siyabonga kakhulu kulabo akade bengithinta bekhokha ingakavaleki," kusho uWelile.
Abantu abaningi bazwakalise okukhulu ukuzwelana nodadewabo kaNgizwe, baveza ukuthi yize kunalezi zinkinga kodwa ngeke baphele amandla bazoqhubeka nokumeseka. UNgizwe kulindeleke ukuthi ngoJulayi 28 aphinde avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.