UHOXISIWE umcimbi iFact Durban Rocks netende i-Afrotainment Marquee ngeDurban July ngenyanga ezayo njengoba ingeke ibe khona imicimbi ebanjelwa ematendeni kulo mcimbi nehanjelwa ngabantu abaningi.
Ngokujwayelekile uDJ Tira ufike abe netende eGreyville Racecourse lapho kusingathwa khona iDurban July bese eba nomcimbi wasebusuku iFact Durban Rocks, ePeople's Park, eMoses Mabhida Stadium.
Kulokhu, uthe abantu kuzomele balale ngenxeba ngoba ngeke kwenzeke. I-Vodacom Durban July izoba ngoJulayi 3.
"Itende leDurban July neFact Durban Rocks ngeke libekhona. Ngisho nesakazwa kwithelevishini iFact Durban Rocks ngeke ize ibe khona. I-Fact Durban Rocks wumcimbi omkhulu oheha izinkumbi zabantu ngakho ibhizinisi alihambi kahle uma usakazwa kwithelevishini kuphela. Kuvele kumsebenzisele emuva umuntu ngoba kuyabheda, abaxhasi abekho," kusho uDJ Tira.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule iFact Durban Rocks yasingathwa ngaphandle kwezihlwele ezitebhisini zaseMoses Mabhida Stadium. Yasakazwa kwiChannel O izinsuku ezimbili ngoJuly 25 no-26 lapho kwakushiyelana inkundla khona abaculi okubalwa kubo yena uTira, Black Motion, Beast, Nomcebo Zikode, Q Twins, Moonchild Sanelly, Babes Wodumo, Zakes Bantwini nabanye.
Omunye umcimbi ka DJ-Tira wokuhlukanisa unyaka NgoDisemba 31 iFact Durban Rocks nayo yayisakazwa kwithelevishini kuphela.
UTira uthe ngenxa yokuthi imicimbi emikhulu kunzima ukuyenza, ukhethe ukuqhamuka nomusha obizwa ngeDJ Tira's Table ozoqala ngoJulayi 2 kuze kube uJulayi 4. Kuvela ukuthi uzosingathwa eDante, Warehouse, Wish, Azar, Liv Urbn naseYadini.
"Sithathe isinqumo sokuthi senze imicimbi ezogcwala idolobha lonke ukuze sizokwazi ukusingatha abantu abaningi abaqhamuka nakwezinye izindawo nokuthi igama leDurban July nobumnandi obuhambisana nayo bungapheli. Sisahlela ukuthi ngoMgqibelo wosuku lomcimbi yikuphi lapho esizoya khona siswenke khona. Sisalinde iDurban Tourism ukuthi iseseke," kusho uTira oveze ukuthi uzokhipha i-albhamu entsha ekupheleni kwenyanga.