USAKHUNGATHEKILE umndeni kaShona Ferguson ngokushona kwalo mlingisi oshiye abantu bakuleli bebindekile ngemuva kokuthi kusabalale imibiko yokuthi akasekho emhlabeni, ngoLwesihlanu ntambama.
Lesi sihlabani ebesibuye sibe nguphrojusa wemidlalo ephambili eNingizimu Afrika, kubikwa ukuthi singene kukubi esibhedlela iNetcare Milpark eGoli, sikhala ngezinhlungu ebezisixine esifubeni ngeledlule.
Isitatimende esikhishwe ngumndeni ngoLwesine, siqinisekise ukuthi le nkakha ebigcinwe egunjini labagula kakhulu esibhedlela ibulawe yizifo ezihlobene neCovid-19.
Okhulumela umndeni, uMnuz Thato Matuka, uthe abakwaFerguson bakhahlamezeke kanzima emoyeni ngokubehlele.
“Kumuncu emndenini futhi kusazothatha isikhathi ukuthi kwamukeleke lesi sehlo esiwehlele. Kwamanje asikabi nazo izinhlelo zomcimbi wesikhumbuzo nomngcwabo ngenxa yokudideka. Siphelelwe ngamandla kodwa sizozama ukuqina sibhekane nalesi simo,” kusho uMatuka.
Eqhuba uthe imininingwane ephelele bazoyidlulisa kwabazindaba uma sebephothule izinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nezomngcwabo.
UMfundi Mvundla ongumsunguli weGenerations, obekhuluma noMpho Sithole kwiNewsroom Afrika izolo, uthe uShona wubengumuntu obenomusa futhi ewuthanda umsebenzi wakhe.
“Bekungelula ukuhlukanisa uShona nomkakhe, uConnie ngoba bebengabantu abebenombono owodwa kuzo zonke izinto abebezenza. Bebeyizithandani ebezihlanganiswe wukukhalipha. UShona ngizomkhumbula ngethalente abenalo nangokuzimisela kwakhe. Kwamina kangikaze ngiphrojuse imidlalo eminingi njengoShona noConnie. Baningi abantu abakuleli abagqugquzelwe yindlela abezikhandla ngayo (uShona),” kusho uMvudla.