BAKHALA ezimathonsi abeBrush Mncadi Foundation ngokubanjiswa utalagu wumculi we-Afro pop, uNaima K, obezoba yijaji kwinhlolokhono ye-Acapella Competion ebiseMlazi Cinema, izolo.
UMengameli wale nhlangano, uBheki Mncadi, uthe udumele kakhulu ngesenzo sikaNaima K, abemqashe ngoba emethemba kanti uzombambisa udonga.
"Okubuhlungu wukuthi bese ekhokheliwe nohhafu wemali yosuku futhi uyena umuntu ebesifolosa ngaye kubaphathi bohlelo. Sigcine sesiqhubeka nabanye ngenxa yokuthi uNaima akasatholakali nasocingweni lwakhe njengoba singasazi nesizathu sokungezi kwakhe. Uze wayobhekwa naseflethini lapho ehlala khona kodwa wangatholakala. Okubuhlungu ucingo lwakhe luyakhala kodwa aluphendulwa," kusho uMncadi.
Uthe uNaima ubeqashwe ngo-R2500 okuyimali yosuku njengoba inhlolokhono izoqhubeka izinsuku eziningi. Uthe bese bemnikile u-R1000 ezothola enye uma esefike eMlazi Cinema lapho ebezophatha khona uhlelo.
Ethintwa uNaima K, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa wumuntu. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Umphathi kaNaima K, uMdu Ngcobo uthe: Asikwazi thina njengehhovisi ukuthi uNaima K ubeqashwe lapho. Sikubona kuyimbudane ngoba thina simazi engumculi uNaima akukho okunye akwenzayo."
UMncadi uthe usazohlangana nethimba lakhe namhlanje badingide udaba lukaNaima K, bese benza imizamo yokuthola ukuthi kwenzekani.
Inhlolokhono uthe izoqhubeka kuze kufike uDisemba okuzobe sekungelamanqamu, kuhlonzwe abawinile.